Marku 6:34-44

Marku 6:34-44 CZB24

Kwathi ephuma, wabona isixuku esikhulu, waba nesihe ngaso, ngokuba babenjengezimvu ezingenamalusi; wayeseqala ukubafundisa okuningi. Kwathi isikhathi sesihambile, abafundi bakhe beza kuye bathi: “Le ndawo iyihlane, isikhathi sesihambile; bamukise ukuba baye emaphandleni nasezindaweni ezizungezile, bazithengele izinkwa, ngokuba abanakudla. Wasephendula wathi kubo: Bapheni lina ukudla. Basebesithi kuye: Sihambe yini siyethenga izinkwa zabodenariyo abangamakhulu amabili, sibaphe badle? Wathi kubo: Zingaki izinkwa eninazo? hambani nibone. Sebekwazi bathi: Ziyisihlanu, nezinhlanzi ezimbili. Wabalaya ukuthi bonke bahlale phansi ngezigaba etshanini obuluhlaza. Base behlala phansi amaviyo amaviyo, ngamakhulu nangamashumi ayisihlanu. Wazithabatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula izinkwa, wazinika abafundi bakhe, ukuba bazibeke phambi kwabo; lezinhlanzi ezimbili wababela bonke. Badla bonke, basutha. Babutha imvuthuluka, iziqabetho eziyishumi nambili ezigcwele, nezezinhlanzi. Abadla izinkwa babengamadoda angaba yizinkulungwane eziyisihlanu.

Funda Marku 6

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo