NgokukaMakhu 6:30-56

NgokukaMakhu 6:30-56 ZUL20

Abaphostoli babuthana kuJesu, bambikela konke ababekwenzileyo nabakufundisileyo. Wayesethi kubo: “Wozani ngasese, nina nodwa, siye endaweni eyihlane, nihlabe ikhefu.” Ngokuba babebaningi abezayo nabahambayo, abaze balithola nethuba lokuba badle. Base behamba ngomkhumbi, baya ngasese, endaweni eyihlane. Abaningi bababona behamba, baqonda ukuthi baya kuphi, base begijima ngezinyawo, besuka kuyo yonke imizana, bafika lapho kuqala kunabo. Esehlile uJesu, ephuma esikebheni, wabona isixuku esikhulu, wasihawukela, ngokuba sasinjengezimvu ezingenamelusi; wayeseqala esifundisa okuningi. Kwathi isikhathi sesihambile, abafundi bakhe beza kuye, bathi: “Le ndawo iyihlane, futhi seliyozilahla kunina. Bahambise ukuba baye ezindaweni eziseduze nasemizaneni ukuze bazithengele ukudla.” Wayesephendula, ethi kubo: “Bapheni nina ukudla.” Bathi kuye: “Sihambe yini siyothenga izinkwa zodenariyu abangama-200, sibaphe badle na?” Wathi kubo: “Ninezinkwa ezingaki? Hambani niyobheka.” Sebazi bathi: “Ziyisihlanu, nezinhlanzi ezimbili.” Wabayala ukuba bonke bahlale phansi otshanini obuluhlaza, izigaba ngezigaba. Base behlala phansi amaqoqo ngamaqoqo, amanye ngekhulu, amanye ngama-50. Wazithatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula izinkwa, wazinika abafundi ukuba bazabele abantu; nezinhlanzi ezimbili wababela bonke zona. Bonke badla, basutha. Babutha imvuthuluka yezinkwa neyezinhlanzi, kwagcwala iziqabetho ezili-12. Abadla izinkwa lapho kwakungamadoda ayizi-5 000. UJesu wayesephoqa ngokushesha abafundi bakhe ukuba bangene esikebheni, bamandulele ukuya phesheya eBhethsayida, aze yena ahlakaze isixuku. Esevalelisile esixukwini, wahamba waya entabeni ukuyokhuleka. Kwathi sekuhlwile, isikebhe siphakathi nolwandle, Yena esele yedwa emhlabathini, wababona ukuthi banobunzima obukhulu lapho begwedla, ngokuba umoya wawuphambana nabo. Kwathi ngomlindo wesine wobusuku, weza kubo ehamba phezu kolwandle; kwaba sengathi uyadlula kubo. Kepha bambona ehamba phezu kolwandle, bacabanga ukuthi ngumungcwi; bakhala. Phela bonke bambona, bethuka. Kepha washesha wakhuluma nabo, wathi kubo: “Yimani isibindi; yiMina, ningesabi.” Wayesekhwela esikebheni ababekuso, umoya wanqamuka; bamangala kakhulu impela phakathi kwabo. Ngokuba abakuqondanga okwenzeke ezinkweni, lokhu inhliziyo yabo yayilukhuni. Kuthe sebewelile, bafika eGenesaretha, babophela isikebhe lapho osebeni. Kwathi bephuma nje esikebheni, abantu bambona uJesu. Bagijimela kuzo zonke izifunda, baqala ukuletha abagulayo ngezinhlaka, babayisa lapho bezwe kuthiwa ukhona. Kwathi noma kuphi lapho engena khona, emizaneni, emizini, nasemakhaya, babeke abagulayo ezigcawini, bamncenge ukuba bathinte noma umphetho wengubo yakhe kuphela; bonke abamthintayo baphiliswa.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo