NgokukaMarku 6:30-56

NgokukaMarku 6:30-56 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Abaphostoli babuthana kuJesu, bambikela ngakho konke ababekwenzile nababekufundisile. Wathi kubo: “Zanini nina nodwa endaweni eyihlane, niphumule isikhashana; Basuka ngomkhumbi baya endaweni eyihlane bebodwa. Isixuku sababona bemuka, abaningi bamazi, bagijimela khona ngezinyawo, bephuma kuyo yonke imizi, babandulela, babuthana kuye. Kwathi ephuma, wabona isixuku esikhulu, waba nesihe ngaso, ngokuba babenjengezimvu ezingenamalusi; wayeseqala ukubafundisa okuningi. Kwathi isikhathi sesihambile, abafundi bakhe beza kuye bathi: “Le ndawo iyihlane, isikhathi sesihambile; bamukise ukuba baye emaphandleni nasezindaweni ezizungezile, bazithengele izinkwa, ngokuba abanakudla. Wasephendula wathi kubo: Bapheni lina ukudla. Basebesithi kuye: Sihambe yini siyethenga izinkwa zabodenariyo abangamakhulu amabili, sibaphe badle? Wathi kubo: Zingaki izinkwa eninazo? hambani nibone. Sebekwazi bathi: Ziyisihlanu, nezinhlanzi ezimbili. Wabalaya ukuthi bonke bahlale phansi ngezigaba etshanini obuluhlaza. Base behlala phansi amaviyo amaviyo, ngamakhulu nangamashumi ayisihlanu. Wazithabatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula izinkwa, wazinika abafundi bakhe, ukuba bazibeke phambi kwabo; lezinhlanzi ezimbili wababela bonke. Badla bonke, basutha. Babutha imvuthuluka, iziqabetho eziyishumi nambili ezigcwele, nezezinhlanzi. Abadla izinkwa babengamadoda angaba yizinkulungwane eziyisihlanu. Wayesecindezela masinyane abafundi bakhe ukuba bangene emkhunjini, bamandulele ukuya ngaphesheya eBetsayida, yena esamukisa isixuku. Esebamukisile wenyuka waya entabeni ukuyokhuleka. Kwathi sekuhlwile, umkhumbi wawuphakathi nolwandle, yena eyedwa emhlabathini. Wababona beshikashikeka ekugwedleni; ngokuba umoya wawuphambene nabo; kwathi ngomlindo wesine wobusuku weza kubo ehamba phezu kolwandle, efuna ukudlula kubo. Kwathi bembona ehamba phezu kolwandle, bacabanga ukuthi yisithunzi; Ngokuba bonke bambona, bakhathazeka. Washesha wakhuluma nabo, wathi kubo: “Yimani isibindi; ningesabi. Wayesekhuphukela kubo emkhunjini; umoya wanqamuka; bamangala kakhulu phakathi kwabo ngokungenakulinganiswa, bamangala. Ngokuba babenganakanga ngezinkwa, ngokuba inhliziyo yabo yayilukhuni. Sebewelile bafika ezweni laseGenesaretha, bamisa ogwini. Sebephumile emkhunjini bamazi masinyane; Base begijima kuso sonke leso sifunda, baqala ukuthwala abagulayo ngemibhede, babayisa lapho ababemuzwa ukuthi ukhona. Nomaphi lapho engena khona emizaneni, nasemizini, noma emaphandleni, babeka abagulayo emigwaqweni, bamncenga ukuba bathinte noma umphetho wengubo yakhe kuphela

NgokukaMarku 6:30-56 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

NgokukaMarku 6:30-56 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Abaphostoli babuthana kuJesu, bambikela konke ababekwenzileyo nabakufundisileyo. Wayesethi kubo: “Wozani ngasese, nina nodwa, siye endaweni eyihlane, nihlabe ikhefu.” Ngokuba babebaningi abezayo nabahambayo, abaze balithola nethuba lokuba badle. Base behamba ngomkhumbi, baya ngasese, endaweni eyihlane. Abaningi bababona behamba, baqonda ukuthi baya kuphi, base begijima ngezinyawo, besuka kuyo yonke imizana, bafika lapho kuqala kunabo. Esehlile uJesu, ephuma esikebheni, wabona isixuku esikhulu, wasihawukela, ngokuba sasinjengezimvu ezingenamelusi; wayeseqala esifundisa okuningi. Kwathi isikhathi sesihambile, abafundi bakhe beza kuye, bathi: “Le ndawo iyihlane, futhi seliyozilahla kunina. Bahambise ukuba baye ezindaweni eziseduze nasemizaneni ukuze bazithengele ukudla.” Wayesephendula, ethi kubo: “Bapheni nina ukudla.” Bathi kuye: “Sihambe yini siyothenga izinkwa zodenariyu abangama-200, sibaphe badle na?” Wathi kubo: “Ninezinkwa ezingaki? Hambani niyobheka.” Sebazi bathi: “Ziyisihlanu, nezinhlanzi ezimbili.” Wabayala ukuba bonke bahlale phansi otshanini obuluhlaza, izigaba ngezigaba. Base behlala phansi amaqoqo ngamaqoqo, amanye ngekhulu, amanye ngama-50. Wazithatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula izinkwa, wazinika abafundi ukuba bazabele abantu; nezinhlanzi ezimbili wababela bonke zona. Bonke badla, basutha. Babutha imvuthuluka yezinkwa neyezinhlanzi, kwagcwala iziqabetho ezili-12. Abadla izinkwa lapho kwakungamadoda ayizi-5 000. UJesu wayesephoqa ngokushesha abafundi bakhe ukuba bangene esikebheni, bamandulele ukuya phesheya eBhethsayida, aze yena ahlakaze isixuku. Esevalelisile esixukwini, wahamba waya entabeni ukuyokhuleka. Kwathi sekuhlwile, isikebhe siphakathi nolwandle, Yena esele yedwa emhlabathini, wababona ukuthi banobunzima obukhulu lapho begwedla, ngokuba umoya wawuphambana nabo. Kwathi ngomlindo wesine wobusuku, weza kubo ehamba phezu kolwandle; kwaba sengathi uyadlula kubo. Kepha bambona ehamba phezu kolwandle, bacabanga ukuthi ngumungcwi; bakhala. Phela bonke bambona, bethuka. Kepha washesha wakhuluma nabo, wathi kubo: “Yimani isibindi; yiMina, ningesabi.” Wayesekhwela esikebheni ababekuso, umoya wanqamuka; bamangala kakhulu impela phakathi kwabo. Ngokuba abakuqondanga okwenzeke ezinkweni, lokhu inhliziyo yabo yayilukhuni. Kuthe sebewelile, bafika eGenesaretha, babophela isikebhe lapho osebeni. Kwathi bephuma nje esikebheni, abantu bambona uJesu. Bagijimela kuzo zonke izifunda, baqala ukuletha abagulayo ngezinhlaka, babayisa lapho bezwe kuthiwa ukhona. Kwathi noma kuphi lapho engena khona, emizaneni, emizini, nasemakhaya, babeke abagulayo ezigcawini, bamncenge ukuba bathinte noma umphetho wengubo yakhe kuphela; bonke abamthintayo baphiliswa.

NgokukaMarku 6:30-56 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Abaphostoli babuthana kuJesu, bambikela ababekwenzile nababekufundisile. Wayesethi kubo: “Zanini nina nodwa endaweni eyihlane, niphumule ingcosana.” Ngokuba babe baningi abezayo nabahambayo, abaze bathola nasikhathi sokudla. Base bemuka ngomkhumbi, baya endaweni eyihlane bebodwa. Abaningi sebebabona bemuka, baqonda, baze bagijimela khona ngezinyawo, bephuma kuyo yonke imizi, babandulela. Wathi ephuma, wabona isixuku esikhulu, waba nesihe ngabantu, ngokuba babe njengezimvu ezingenamalusi; waqala ukubafundisa okuningi. Kwathi isikhathi sesihambile, beza kuye abafundi bakhe, bathi: “Le ndawo iyihlane, isikhathi sesidlulile; bamukise ukuba baye emaphandleni nasemizaneni ezungezileyo, bazithengele ukudla.” Wayesephendula, ethi kubo: “Bapheni nina ukudla.” Bathi kuye: “Sihambe yini, siyothenga izinkwa zawodenariyu* abangamakhulu amabili, sibaphe badle na?” Wathi kubo: “Ninezinkwa ezingaki na? Hambani nibone.” Sebazi bathi: “Ziyisihlanu, nezinhlanzi ezimbili.” Wabayala ukuba bonke bahlale phansi etshanini obuluhlaza izigaba ngezigaba. Base behlala phansi amaviyo ngamaviyo, kwaba ngamakhulu nangamashumi ayisihlanu. Wazithabatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula izinkwa, wazinika abafundi ukuba bazibeke phambi kwabo; nezinhlanzi ezimbili wababela bonke ngazo. Badla bonke, basutha. Babutha imvuthuluka, iziqabetho eziyishumi nambili ezigcwele, neyezinhlanzi. Ababedlile izinkwa babe ngamadoda ayizinkulungwane eziyisihlanu. Wayesecindezela masinyane abafundi bakhe ukuba bangene emkhunjini, bamandulele ukuya phesheya eBetsayida, yena aze amukise isixuku. Esebavalelisile wahamba waya entabeni ukuyokhuleka. Kwathi sekuhlwile, umkhumbi wawuphakathi nolwandle, yena eyedwa emhlabathini. Wababona behlupheka ekugwedleni, ngokuba umoya wawuphambene nabo, weza kubo ngomlindo wesine wobusuku ehamba phezu kolwandle. Kwangathi uyadlula kubo. Sebembonile ehamba phezu kolwandle, bacabanga ukuthi yisithunzi; bakhala. Ngokuba bonke bambona, bethuka. Kepha washesha wakhuluma nabo, wathi kubo: “Yimani isibindi; yimina, ningesabi.” Wayesekhwela emkhunjini kubo, umoya wanqamuka; bamangala kakhulu impela phakathi kwabo. Ngokuba abaqondanga okwezinkwa, lokhu inhliziyo yabo yayilukhuni. Sebewelile bafika ezweni laseGenesaretha, babopha ogwini. Ukuphuma kwabo emkhunjini yena wayaziwa masinyane. Bagijimela kulo lonke lelo zwe, baqala ukuletha abagulayo ngezinhlaka, lapho bemuzwa ukuthi ukhona. Kwathi nomaphi lapho engena khona, emizaneni, nasemizini, nasemaphandleni, babeka abagulayo ezigcawini, bamncenga ukuba bathinte noma umphetho wengubo yakhe kuphela; bonke abamthinta basindiswa.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo