Marku 6:30-56

Marku 6:30-56 CZB24

Abaphostoli babuthana kuJesu, bambikela ngakho konke ababekwenzile nababekufundisile. Wathi kubo: “Zanini nina nodwa endaweni eyihlane, niphumule isikhashana; Basuka ngomkhumbi baya endaweni eyihlane bebodwa. Isixuku sababona bemuka, abaningi bamazi, bagijimela khona ngezinyawo, bephuma kuyo yonke imizi, babandulela, babuthana kuye. Kwathi ephuma, wabona isixuku esikhulu, waba nesihe ngaso, ngokuba babenjengezimvu ezingenamalusi; wayeseqala ukubafundisa okuningi. Kwathi isikhathi sesihambile, abafundi bakhe beza kuye bathi: “Le ndawo iyihlane, isikhathi sesihambile; bamukise ukuba baye emaphandleni nasezindaweni ezizungezile, bazithengele izinkwa, ngokuba abanakudla. Wasephendula wathi kubo: Bapheni lina ukudla. Basebesithi kuye: Sihambe yini siyethenga izinkwa zabodenariyo abangamakhulu amabili, sibaphe badle? Wathi kubo: Zingaki izinkwa eninazo? hambani nibone. Sebekwazi bathi: Ziyisihlanu, nezinhlanzi ezimbili. Wabalaya ukuthi bonke bahlale phansi ngezigaba etshanini obuluhlaza. Base behlala phansi amaviyo amaviyo, ngamakhulu nangamashumi ayisihlanu. Wazithabatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula izinkwa, wazinika abafundi bakhe, ukuba bazibeke phambi kwabo; lezinhlanzi ezimbili wababela bonke. Badla bonke, basutha. Babutha imvuthuluka, iziqabetho eziyishumi nambili ezigcwele, nezezinhlanzi. Abadla izinkwa babengamadoda angaba yizinkulungwane eziyisihlanu. Wayesecindezela masinyane abafundi bakhe ukuba bangene emkhunjini, bamandulele ukuya ngaphesheya eBetsayida, yena esamukisa isixuku. Esebamukisile wenyuka waya entabeni ukuyokhuleka. Kwathi sekuhlwile, umkhumbi wawuphakathi nolwandle, yena eyedwa emhlabathini. Wababona beshikashikeka ekugwedleni; ngokuba umoya wawuphambene nabo; kwathi ngomlindo wesine wobusuku weza kubo ehamba phezu kolwandle, efuna ukudlula kubo. Kwathi bembona ehamba phezu kolwandle, bacabanga ukuthi yisithunzi; Ngokuba bonke bambona, bakhathazeka. Washesha wakhuluma nabo, wathi kubo: “Yimani isibindi; ningesabi. Wayesekhuphukela kubo emkhunjini; umoya wanqamuka; bamangala kakhulu phakathi kwabo ngokungenakulinganiswa, bamangala. Ngokuba babenganakanga ngezinkwa, ngokuba inhliziyo yabo yayilukhuni. Sebewelile bafika ezweni laseGenesaretha, bamisa ogwini. Sebephumile emkhunjini bamazi masinyane; Base begijima kuso sonke leso sifunda, baqala ukuthwala abagulayo ngemibhede, babayisa lapho ababemuzwa ukuthi ukhona. Nomaphi lapho engena khona emizaneni, nasemizini, noma emaphandleni, babeka abagulayo emigwaqweni, bamncenga ukuba bathinte noma umphetho wengubo yakhe kuphela

Funda Marku 6

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo