UJesu wasuka lapho, waya ezweni lakubo; abafundi bakhe bamlandela. Selifikile isabatha, waqala ukufundisa esinagogeni. Abaningi ababelalele bamangala, bathi: “Ngabe lo ukuthatha kuphi lokhu na? Kuhlakanipha kuni lokhu akunikiwe na? Zimangaliso zini futhi lezi azenza ngezandla zakhe? Lo akusiye yini umbazi, indodana kaMariya, nomfowabo kaJakobe, uJose, uJuda noSimoni na? Nodadewabo abekho yini lapha phakathi kwethu na?”
Base bekhubeka ngaye.
UJesu wayesethi kubo: “Umphrofethi akadelelwa ezizweni, ngaphandle kwelakubo, nasezihlotsheni zakhe, nakwabendlu yakwabo.”
Akakwazanga ukwenza lapho nesisodwa isimangaliso, ngaphandle nje kokubeka izandla phezu kwabagulayo abayingcosana; wabaphulukisa. Wamangala ngokungakholwa kwabo.
Wahamba imizi ngemizana efundisa.
UJesu wayesebiza abali-12, waqala ukubathuma ngababili, wabanika igunya lokukhipha omoya abangcolileyo. Wabayala ukuba bangaphathi lutho lwendlela, baphathe kuphela udondolo; bangaphathi sinkwa, sikhwama sokuthekela, namali emigodleni yabo. Bafake izicathulo, kepha bangembathi amabhantshi amabili. Wayesethi kubo: “Nakuyiphi indlu eniyakungenisa kuyo, hlalani kuyo nize nihambe lapho. Noma kuyiphi indawo lapho bengayukunamukela khona, nalapho bengayukunilalela khona, anothi uma senisuka kuyo, nithintithe uthuli oluphansi kwezinyawo zenu, lokho kube ngubufakazi kubo.”
Bahamba-ke beshumayela ukuba abantu baphenduke. Bakhipha amadimoni amaningi, bagcoba abaningi abagulayo ngamafutha, babaphulukisa.
INkosi uHerode yezwa ngalokhu, ngokuba igama likaJesu lase lidumile. Kwakuthiwa uJohane uMbhabhadisi uvukile kwabafileyo, yingakho enza izimangaliso ezingaka kuye. Kepha abanye bathi: “Ngu-Eliya;” abanye bathi: “Ngumphrofethi onjengabanye abaphrofethi.”
Kepha uHerode esekuzwile lokho, wathi: “UJohane, lo engamnquma ikhanda, uvusiwe.”
UHerode uqobo nguye owayethumele ukuba abanjwe uJohane, wayesemfaka ejele, ngenxa kaHerodiya umkaFiliphu umfowabo, ngokuba wamthatha wamgana. Phela uJohane wayethe kuHerode: “Awuvunyelwe ukungena umkamfowenu.”
Ngakho-ke uHerodiya wambambela igqubu, wafuna ukumbulala, kodwa akabanga nawo amandla. UHerode wayemesaba uJohane, emazi ukuthi uyindoda elungileyo, engcwele, futhi wayemvikela. Lapho uHerode emlalela uJohane wayesala ekhathazekile kakhulu, nokho wayethanda ukumlalela.
Ekugcineni lwafika olungaliyo, lapho uHerode ngosuku lwakhe lokuzalwa wenzela izikhulu zakhe idili; izinduna zempi nabanumzane baseGalile; kwase kungena indodakazi kaHerodiya; yasina, yajabulisa uHerode nababehleli naye. Inkosi yathi entombazaneni: “Cela kimi noma yini oyithandayo, ngizakukunika yona.”
Yafunga kuyo yathi: “Noma yini oyicelayo kimi ngizakukunika yona, noma ngabe yingxenye yombuso wami.”
Intombazane yaphuma, yathi kunina: “Ngizakucelani na?”
Yena wathi: “Ikhanda likaJohane uMbhabhadisi.”
Yabuyela enkosini ngokushesha, yacela yathi: “Ngithanda ukuba ungiphe, khona manje ngomcengezi, ikhanda likaJohane uMbhabhadisi.”
Inkosi yadabuka kakhulu, kodwa ngenxa yesifungo eyayisenzile nangenxa yalabo ababehlezi nayo esidlweni, ayithandanga ukwenqaba. Inkosi yayisithuma masinyane ozokwenza lokhu, yamyala ukuba alethe ikhanda likaJohane. Wasuka, wamnquma ikhanda ejele. Waliletha ikhanda lakhe ngomcengezi, wayinika intombazane, yona yalinika unina. Kwathi ukuba abafundi bakhe bakuzwe lokho, beza, bathatha isidumbu sakhe, basibeka ethuneni.