NgokukaMarku 6:1-29

NgokukaMarku 6:1-29 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Wasemuka lapho, waya ezweni lakubo; labafundi bakhe bamlandela. Kwathi sekufikile isabatha, waqala ukufundisa esinagogeni; abaningi abamuzwayo bamangala, bathi: “Lo ukuthathaphi lokhu na? Yikuhlakanipha kuni lokhu akuphiweyo, ukuthi le misebenzi yamandla enje yenziwa ngezandla zakhe na? Lo akasiye umbazi, indodana kaMariya, nomfowabo kaJakobe, noJose, noJuda, noSimoni? Nodadewabo abakho yini lapha kithi na? Base bekhubeka kuye. Kepha uJesu wathi kubo: “Umprofethi kadelelwa, kuphela ezweni lakubo, nasezihlotsheni zakubo, nasendlini yakubo. Wayengenakwenza khona umsebenzi wamandla lapho, kuphela wabeka izandla phezu kwabagulayo abayingcosana, wabaphulukisa. Wamangala ngokungakholwa kwabo. Wahamba imizi ngemizi efundisa. Wasebiza abayishumi nambili, waqala ukubathuma ngababili; wabanika amandla phezu kwawomoya abangcolileyo; Wabalaya ukuthi bangaphathi lutho lwendlela, ngaphandle kodondolo lodwa; nasikhwama, nasinkwa, namali emixhakeni yabo; Kodwa bagqoke izimbadada; futhi lingagqoki amabhantshi amabili. Wathi kubo: “Nomaphi lapho ningena khona endlini, hlalani khona nize nimuke kuleyo ndawo. Nabaninganamukeli, enganizwa, anothi nimuka lapho, nivuthulule uthuli oluphansi kwezinyawo zenu, kube ngubufakazi kubo. Ngiqinisile ngithi kini: Kuyakuba ngcono kulo iSodoma neGomora ngosuku lokwahlulelwa kunakulowo muzi. Basebephuma batshumayela ukuthi abantu baphenduke. Bakhipha amademoni amaningi, bagcoba abagulayo abaningi ngamafutha, babaphulukisa. Inkosi uHerode yasizwa ngaye; (ngokuba igama lakhe laduma) wathi: “UJohane uMbhapathizi uvukile kwabafileyo, ngakho-ke imisebenzi yamandla iyabonakala kuye. Abanye bathi: UnguEliya. Abanye bathi: Ungumprofethi, noma unjengomunye wabaprofethi. Kodwa uHerodi esezwile wathi: UJohane engamquma ikhanda; Ngokuba uHerode uqobo wayethumele wambamba uJohane, wambopha etilongweni ngenxa kaHerodiya umkaFiliphu umfowabo, ngokuba wayemthathile. Ngokuba uJohane wayethe kuHerode: “Awuvunyelwe ukuba nomkamfowenu. Ngakho uHerodiya waba nokusola kwakhe, wafuna ukumbulala; kodwa akakwazanga: Ngokuba uHerode wayemesaba uJohane emazi ukuthi uyindoda elungileyo engcwele, wamgcina; kwathi emuzwa, wenza izinto eziningi, wamuzwa ngokuthokoza. Kwathi sekufikile usuku oluhle, uHerode ngosuku lokuzalwa kwakhe wenzela izikhulu zakhe, nezinduna zezikhulu, nezikhulu zaseGalile idili; Kwathi ingena indodakazi kaHerodiya lowo, yasina, yamjabulisa uHerode nababehlezi naye. Wafunga kuye wathi: “Noma yini ongayicela kimi ngiyakukunika yona, kuze kube yinxenye yombuso wami. Wasephuma, wathi kunina: Ngizacelani? Wasesithi: Ikhanda likaJohane uMbhabhathizi. Yangena masinyane enkosini ngokuphangisa, yacela, yathi: “Ngithanda ukuba unginike manje ngoqwembe ikhanda likaJohane uMbhapathizi. Inkosi yadabuka kakhulu; nokho ngenxa yesifungo sakhe nangenxa yabahlezi naye, akathandanga ukumlahla. Khona masinyane inkosi yathuma umlindi, yayala ukuba kulethwe ikhanda lakhe; Letha ikhanda lakhe ngoqwembe, walinika intombazana; intombazana yalinika unina. Kwathi abafundi bakhe bekuzwa, beza bathatha isidumbu sakhe, basibeka ethuneni.

NgokukaMarku 6:1-29 IsiZulu 2020 (ZUL20)

UJesu wasuka lapho, waya ezweni lakubo; abafundi bakhe bamlandela. Selifikile isabatha, waqala ukufundisa esinagogeni. Abaningi ababelalele bamangala, bathi: “Ngabe lo ukuthatha kuphi lokhu na? Kuhlakanipha kuni lokhu akunikiwe na? Zimangaliso zini futhi lezi azenza ngezandla zakhe? Lo akusiye yini umbazi, indodana kaMariya, nomfowabo kaJakobe, uJose, uJuda noSimoni na? Nodadewabo abekho yini lapha phakathi kwethu na?” Base bekhubeka ngaye. UJesu wayesethi kubo: “Umphrofethi akadelelwa ezizweni, ngaphandle kwelakubo, nasezihlotsheni zakhe, nakwabendlu yakwabo.” Akakwazanga ukwenza lapho nesisodwa isimangaliso, ngaphandle nje kokubeka izandla phezu kwabagulayo abayingcosana; wabaphulukisa. Wamangala ngokungakholwa kwabo. Wahamba imizi ngemizana efundisa. UJesu wayesebiza abali-12, waqala ukubathuma ngababili, wabanika igunya lokukhipha omoya abangcolileyo. Wabayala ukuba bangaphathi lutho lwendlela, baphathe kuphela udondolo; bangaphathi sinkwa, sikhwama sokuthekela, namali emigodleni yabo. Bafake izicathulo, kepha bangembathi amabhantshi amabili. Wayesethi kubo: “Nakuyiphi indlu eniyakungenisa kuyo, hlalani kuyo nize nihambe lapho. Noma kuyiphi indawo lapho bengayukunamukela khona, nalapho bengayukunilalela khona, anothi uma senisuka kuyo, nithintithe uthuli oluphansi kwezinyawo zenu, lokho kube ngubufakazi kubo.” Bahamba-ke beshumayela ukuba abantu baphenduke. Bakhipha amadimoni amaningi, bagcoba abaningi abagulayo ngamafutha, babaphulukisa. INkosi uHerode yezwa ngalokhu, ngokuba igama likaJesu lase lidumile. Kwakuthiwa uJohane uMbhabhadisi uvukile kwabafileyo, yingakho enza izimangaliso ezingaka kuye. Kepha abanye bathi: “Ngu-Eliya;” abanye bathi: “Ngumphrofethi onjengabanye abaphrofethi.” Kepha uHerode esekuzwile lokho, wathi: “UJohane, lo engamnquma ikhanda, uvusiwe.” UHerode uqobo nguye owayethumele ukuba abanjwe uJohane, wayesemfaka ejele, ngenxa kaHerodiya umkaFiliphu umfowabo, ngokuba wamthatha wamgana. Phela uJohane wayethe kuHerode: “Awuvunyelwe ukungena umkamfowenu.” Ngakho-ke uHerodiya wambambela igqubu, wafuna ukumbulala, kodwa akabanga nawo amandla. UHerode wayemesaba uJohane, emazi ukuthi uyindoda elungileyo, engcwele, futhi wayemvikela. Lapho uHerode emlalela uJohane wayesala ekhathazekile kakhulu, nokho wayethanda ukumlalela. Ekugcineni lwafika olungaliyo, lapho uHerode ngosuku lwakhe lokuzalwa wenzela izikhulu zakhe idili; izinduna zempi nabanumzane baseGalile; kwase kungena indodakazi kaHerodiya; yasina, yajabulisa uHerode nababehleli naye. Inkosi yathi entombazaneni: “Cela kimi noma yini oyithandayo, ngizakukunika yona.” Yafunga kuyo yathi: “Noma yini oyicelayo kimi ngizakukunika yona, noma ngabe yingxenye yombuso wami.” Intombazane yaphuma, yathi kunina: “Ngizakucelani na?” Yena wathi: “Ikhanda likaJohane uMbhabhadisi.” Yabuyela enkosini ngokushesha, yacela yathi: “Ngithanda ukuba ungiphe, khona manje ngomcengezi, ikhanda likaJohane uMbhabhadisi.” Inkosi yadabuka kakhulu, kodwa ngenxa yesifungo eyayisenzile nangenxa yalabo ababehlezi nayo esidlweni, ayithandanga ukwenqaba. Inkosi yayisithuma masinyane ozokwenza lokhu, yamyala ukuba alethe ikhanda likaJohane. Wasuka, wamnquma ikhanda ejele. Waliletha ikhanda lakhe ngomcengezi, wayinika intombazane, yona yalinika unina. Kwathi ukuba abafundi bakhe bakuzwe lokho, beza, bathatha isidumbu sakhe, basibeka ethuneni.

NgokukaMarku 6:1-29 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Khona wamuka lapho, waya ezweni lakubo; abafundi bakhe bamlandela. Sekufikile isabatha, waqala ukufundisa esinagogeni.* Abaningi abamuzwayo bamangala bathi: “Lo ukuthathaphi lokhu na? Ukuhlakanipha kuni akunikiwe lona na? Nemisebenzi yamandla enje yenziwe ngezandla zakhe na? Lo akusiye umbazi, indodana kaMariya, nomfowabo kaJakobe, noJose, noJuda, noSimoni, na? Nawodadewabo abakho yini lapha kithi na?” Base bekhubeka ngaye. Wayesethi kubo uJesu: “Umprofethi kadelelwa ngaphandle kwasezweni lakubo, nasezihlotsheni zakhe, nasendlini yakwabo.” Wayengenakwenza lapho nowodwa umsebenzi wamandla ngaphandle kokuthi wabeka izandla phezu kwabagulayo abayingcosana, wabaphulukisa. Wamangala ngokungakholwa kwabo. Wahamba imizi ngemizi efundisa. Wayesebabiza abayishumi nambili, waqala ukubathuma ngababili, wabanika amandla phezu kwawomoya abangcolileyo. Wabayala ukuba bangaphathi lutho lwendlela, kuphela udondolo lodwa, bangaphathi nasinkwa, nasikhwama, nathusi emixhakeni, kepha bafake izicathulo, bangembathi kodwa amabhantshi amabili. Wathi kubo: “Nakuphi lapho ningena khona endlini, hlalani kuyo, nize nimuke khona. Nayiphi indawo engayikunamukela, nalapho bengayikunizwa khona, anothi nimuka kuyo, nivuthulule uthuli oluphansi kwezinyawo zenu, kube ngubufakazi kubo.” Base behamba beshumayela ukuba abantu baphenduke. Bakhipha amademoni amaningi, bagcoba abagulayo abaningi ngamafutha, babaphulukisa. Yayisikuzwa inkosi uHerode, ngokuba lalidumile igama lakhe. Kwathiwa uJohane uMbhapathizi uvukile kwabafileyo; kungalokho lawa mandla asebenza kuye. Kodwa abanye bathi: “Ngu-Eliya;” abanye bathi: “Ngumprofethi njengomunye wabaprofethi.” Kepha uHerode ekuzwile wathi: “UJohane engamnquma ikhanda nguye ovukile.” Ngokuba yena uHerode wayethumele wambamba uJohane, wambopha etilongweni ngenxa kaHerodiya umkaFiliphu umfowabo, ngokuba wayeganwe nguye. Ngokuba uJohane wayethe kuHerode: “Awuvunyelwe ukuthatha umkamfowenu.” Njalo uHerodiya wambambela amagqubu, wafuna ukumbulala; kepha kabanga namandla, ngokuba uHerode wayemesaba uJohane emazi ukuthi uyindoda elungileyo engcwele, wamlonda; nalapho emuzwa, wayesambatheka kaningi, nokho kwabamnandi kuye ukumuzwa. Kwathi sekufikile usuku oluhle, lapho uHerode ngosuku lokuzalwa kwakhe ezenzela idili izikhulu zakhe, nezinduna zempi, nabanumzane baseGalile, kwangena indodakazi kaHerodiya uqobo, yasina, yajabulisa uHerode nababehlezi naye. Inkosi yayisithi entombazaneni: “Cela kimi noma yini okuthandayo, ngizakukunika.” Wafunga kuyo, wathi: “Noma yini ongakucela kimi ngizakukunika, nakuba kungaze kube yinxenye yombuso wami.” Yayisiphuma, yathi kunina: “Ngizakucelani na?” Yena wathi: “Ikhanda likaJohane uMbhapathizi.” Yakhawuleza yangena masinyane enkosini, yacela yathi: “Ngithanda ukuba ungiphe khona manje ngoqwembe ikhanda likaJohane uMbhapathizi.” Inkosi yadabuka kakhulu, kepha ngenxa yezifungo nangenxa yababehlezi nayo ekudleni ayithandanga ukuyilandulela. Inkosi yayisithuma masinyane ibutho, waliyala ukuba lilethe ikhanda lakhe. Lahamba, lamnquma ikhanda etilongweni. Laletha ikhanda lakhe ngoqwembe, layinika intombazana, intombazana yamnika unina. Kwathi ukuba abafundi bakhe bakuzwe lokho, beza bathatha isidumbu sakhe, basibeka ethuneni.

NgokukaMarku 6:1-29 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)