NgokukaMakhu 5:35-42

NgokukaMakhu 5:35-42 ZUL20

Kuthe uJesu esakhuluma, kwafika abanye bevela endlini kaJayiru, umphathi wesinagoge, bathi: “Indodakazi yakho isifile; usamkhathazelani uMfundisi na?” Kwathi ukuba uJesu akuzwe lokho abakushoyo, wathi kumphathi wesinagoge: “Ungesabi, kholwa nje kuphela.” Akavumelanga muntu ukuba amlandele ngaphandle kukaPhethro, uJakobe, noJohane, umfowabo kaJakobe. Bafika-ke endlini yomphathi wesinagoge. UJesu wabona isiyaluyalu; abakhalayo, nababelila kakhulu. Esengenile wathi kubo: “Niyaluzelani, futhi nikhalelani na? Umntwana akafile, kodwa ulele.” Bamhleka usulu. Kepha esebakhiphile bonke ababesendlini, wathatha uyise nonina womntwana nababenaye, wangena nabo lapho umntwana ayekhona. Wabamba umntwana ngesandla, wathi kuye: “Thalitha khumi,” okungukuthi uma kuhunyushwa: “Ntombazana, ngithi kuwe, vuka!” Masinyane intombazane yavuka, yahamba, ngokuba yayineminyaka eli-12. Khona lapho bamangala ngokumangala okukhulu.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaMakhu 5:35-42

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo