NgokukaMarku 5:35-42
NgokukaMarku 5:35-42 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kuthe uJesu esakhuluma, kwafika abanye bevela endlini kaJayiru, umphathi wesinagoge, bathi: “Indodakazi yakho isifile; usamkhathazelani uMfundisi na?” Kwathi ukuba uJesu akuzwe lokho abakushoyo, wathi kumphathi wesinagoge: “Ungesabi, kholwa nje kuphela.” Akavumelanga muntu ukuba amlandele ngaphandle kukaPhethro, uJakobe, noJohane, umfowabo kaJakobe. Bafika-ke endlini yomphathi wesinagoge. UJesu wabona isiyaluyalu; abakhalayo, nababelila kakhulu. Esengenile wathi kubo: “Niyaluzelani, futhi nikhalelani na? Umntwana akafile, kodwa ulele.” Bamhleka usulu. Kepha esebakhiphile bonke ababesendlini, wathatha uyise nonina womntwana nababenaye, wangena nabo lapho umntwana ayekhona. Wabamba umntwana ngesandla, wathi kuye: “Thalitha khumi,” okungukuthi uma kuhunyushwa: “Ntombazana, ngithi kuwe, vuka!” Masinyane intombazane yavuka, yahamba, ngokuba yayineminyaka eli-12. Khona lapho bamangala ngokumangala okukhulu.
NgokukaMarku 5:35-42 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Esakhuluma, kwafika abanye bendlu yomphathi wesinagoge, bathi: “Indodakazi yakho isifile; usamkhathazelani uMfundisi na? Kwathi uJesu esezwile ilizwi elishiwoyo, wathi kumphathi wesinagoge: Ungesabi, kholwa kuphela. Akavumelanga muntu ukuba amlandele, kuphela uPetru, noJakobe, noJohane umfowabo kaJakobe. Wafika endlini yomphathi wesinagoge, wabona isiyaluyalu nabakhala nabalila kakhulu. Esengenile wathi kubo: “Kungani niphithizela nikhale na? Intombazana ayifile, kodwa ilele. Basebemhleka usulu. Kepha esebakhiphe bonke, wathatha uyise womntwana nonina nababe naye, wangena lapho bekulele khona intombazana. Wabamba isandla somntwana, wathi kuye: “Thalitha, kumi; okungukuthi ngokuhunyushwa: Ntombakazi, ngithi kuwe: Vuka. Yasivuka masinyane intombazana, yahamba; ngoba wayeneminyaka eyishumi nambili. Bamangala ngokumangala okukhulu.
NgokukaMarku 5:35-42 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

NgokukaMarku 5:35-42 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Esakhuluma, kwafika abomphathi wesinagoge,* bathi: “Indodakazi yakho isifile; usamkhathazelani uMfundisi na?” Kwathi ukuba uJesu ezwile izwi elishiwoyo, wathi kumphathi wesinagoge*: “Ungesabi, kholwa kuphela.” Akavumelanga muntu amlandele, kuphela oPetru, noJakobe, noJohane umfowabo kaJakobe. Bafika-ke endlini yomphathi wesinagoge,* wabona isiyaluyalu nabakhalayo nabalila kakhulu. Wangena, wathi kubo: “Niyaluzelani, nikhalelani na? Umntwana akafile, kodwa ulele.” Bamhleka usulu. Kepha yena wabakhipha bonke, wathatha uyise womntwana nonina kanye nababe naye, wangena lapho kulele khona umntwana. Wabamba umntwana ngesandla, wathi kuye: “Thalitha, kumi,” okungukuthi ngokuhunyushwa: “Ntombazana, ngithi kuwe, vuka!” Yayisivuka masinyane intombazana, yahamba; ngokuba yayineminyaka eyishumi nambili. Khona bamangala ngokumangala okukhulu.