Kwakukhona owesifazane owayenomopho iminyaka eli-12. Wayehluphekile kakhulu, ehla enyuka ezinyangeni eziningi, futhi esechithe konke ayenakho, kodwa kunhlanga zimuka nomoya; kubhebhetheka okwakumphethe. Esezwile ngoJesu, waya esixukwini ngasemuva, wathinta ingubo kaJesu, ngokuba wathi: “Uma nje ngingathinta izingubo zakhe, ngizakusindiswa.” Masinyane, umthombo wegazi lakhe wanqamuka, wezwa emzimbeni wakhe ukuthi usesindile esifeni ebesimhlupha. Kwathi uJesu angezwa kuye ukuthi amandla aphumile, waphendukela esixukwini, wathi: “Ngubani othinte izingubo zami na?”
Funda NgokukaMakhu 5
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaMakhu 5:25-30
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo