NgokukaMakhu 5:25-30

NgokukaMakhu 5:25-30 ZUL20

Kwakukhona owesifazane owayenomopho iminyaka eli-12. Wayehluphekile kakhulu, ehla enyuka ezinyangeni eziningi, futhi esechithe konke ayenakho, kodwa kunhlanga zimuka nomoya; kubhebhetheka okwakumphethe. Esezwile ngoJesu, waya esixukwini ngasemuva, wathinta ingubo kaJesu, ngokuba wathi: “Uma nje ngingathinta izingubo zakhe, ngizakusindiswa.” Masinyane, umthombo wegazi lakhe wanqamuka, wezwa emzimbeni wakhe ukuthi usesindile esifeni ebesimhlupha. Kwathi uJesu angezwa kuye ukuthi amandla aphumile, waphendukela esixukwini, wathi: “Ngubani othinte izingubo zami na?”

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaMakhu 5:25-30

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo