NgokukaMarku 5:25-30
NgokukaMarku 5:25-30 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Owesifazane othile owayenomopho iminyaka eyishumi nambili. Esehlupheke ngokunengi kubelaphi abanengi, esechithe konke ayelakho, njalo engasizakalanga, kodwa kwaba kubi kakhulu; Kwathi esezwile ngoJesu, weza esixukwini ngemva, wathinta isembatho sakhe. Ngoba wathi: Uba ngingathinta nje izembatho zakhe, ngizasinda. Njalo wahle woma umthombo wegazi lakhe; wezwa emzimbeni ukuthi uphulukisiwe kuleso sifo. UJesu ebona masinyane phakathi kwakhe ukuthi amandla aphumile kuye, waphenduka esixukwini wathi: “Ngubani othinte izingubo zami na?
NgokukaMarku 5:25-30 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwakukhona owesifazane owayenomopho iminyaka eli-12. Wayehluphekile kakhulu, ehla enyuka ezinyangeni eziningi, futhi esechithe konke ayenakho, kodwa kunhlanga zimuka nomoya; kubhebhetheka okwakumphethe. Esezwile ngoJesu, waya esixukwini ngasemuva, wathinta ingubo kaJesu, ngokuba wathi: “Uma nje ngingathinta izingubo zakhe, ngizakusindiswa.” Masinyane, umthombo wegazi lakhe wanqamuka, wezwa emzimbeni wakhe ukuthi usesindile esifeni ebesimhlupha. Kwathi uJesu angezwa kuye ukuthi amandla aphumile, waphendukela esixukwini, wathi: “Ngubani othinte izingubo zami na?”
NgokukaMarku 5:25-30 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Owesifazane owayenomopho iminyaka eyishumi nambili, ehluphekile ngokuningi ezinyangeni eziningi, echithile konke ayenakho, engasizakalanga ngalutho, kodwa kwayilokhu kuqhubeka, esezwile ngoJesu, weza esixukwini ngasemuva, wathinta ingubo yakhe, ngokuba wathi: “Uma ngingathinta nje izingubo zakhe, ngizakusindiswa.” Kwanqamuka masinyane umthombo wegazi lakhe, wezwa emzimbeni ukuthi uphulukile enhluphekweni yakhe. Wanele ukuzwa uJesu phakathi kwakhe ukuthi amandla aphumile kuye, waphendukela esixukwini, wathi: “Ngubani othinte izingubo zami na?”
NgokukaMarku 5:25-30 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)