UJesu wahamba naye. Isixuku esikhulu samlandela, samminyanisa. Kwakukhona owesifazane owayenomopho iminyaka eli-12. Wayehluphekile kakhulu, ehla enyuka ezinyangeni eziningi, futhi esechithe konke ayenakho, kodwa kunhlanga zimuka nomoya; kubhebhetheka okwakumphethe. Esezwile ngoJesu, waya esixukwini ngasemuva, wathinta ingubo kaJesu, ngokuba wathi: “Uma nje ngingathinta izingubo zakhe, ngizakusindiswa.” Masinyane, umthombo wegazi lakhe wanqamuka, wezwa emzimbeni wakhe ukuthi usesindile esifeni ebesimhlupha. Kwathi uJesu angezwa kuye ukuthi amandla aphumile, waphendukela esixukwini, wathi: “Ngubani othinte izingubo zami na?” Abafundi bakhe bathi kuye: “Ingani uyabona ukuthi isixuku sikuminyanisile. ‘Pho ubuzelani ukuthi ngubani okuthintileyo na?’ ” Waqalaza ukuba abone ukuthi ngubani owayenze lokho.
Funda NgokukaMakhu 5
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaMakhu 5:24-32
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo