NgokukaMarku 5:24-32
NgokukaMarku 5:24-32 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Wahamba naye. Isixuku esikhulu samlandela, samcindezela. Owesifazane owayenomopho iminyaka eyishumi nambili, ehluphekile ngokuningi ezinyangeni eziningi, echithile konke ayenakho, engasizakalanga ngalutho, kodwa kwayilokhu kuqhubeka, esezwile ngoJesu, weza esixukwini ngasemuva, wathinta ingubo yakhe, ngokuba wathi: “Uma ngingathinta nje izingubo zakhe, ngizakusindiswa.” Kwanqamuka masinyane umthombo wegazi lakhe, wezwa emzimbeni ukuthi uphulukile enhluphekweni yakhe. Wanele ukuzwa uJesu phakathi kwakhe ukuthi amandla aphumile kuye, waphendukela esixukwini, wathi: “Ngubani othinte izingubo zami na?” Abafundi bakhe bathi kuye: “Uyabona isixuku sikucindezela, usuthi: ‘Ngubani ongithintileyo na?’ ” Waqalaza ukuba ambone owenzile lokho.
NgokukaMarku 5:24-32 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
UJesu wayesehamba naye; abantu abaningi bamlandela, bamminyezela. Owesifazane othile owayenomopho iminyaka eyishumi nambili. Esehlupheke ngokunengi kubelaphi abanengi, esechithe konke ayelakho, njalo engasizakalanga, kodwa kwaba kubi kakhulu; Kwathi esezwile ngoJesu, weza esixukwini ngemva, wathinta isembatho sakhe. Ngoba wathi: Uba ngingathinta nje izembatho zakhe, ngizasinda. Njalo wahle woma umthombo wegazi lakhe; wezwa emzimbeni ukuthi uphulukisiwe kuleso sifo. UJesu ebona masinyane phakathi kwakhe ukuthi amandla aphumile kuye, waphenduka esixukwini wathi: “Ngubani othinte izingubo zami na? Abafundi bakhe bathi kuye: Uyabona ixuku likuminyezela, uthi: Ngubani ongithintileyo? Wasethalaza ukuze abone okwenzileyo lokho.
NgokukaMarku 5:24-32 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UJesu wahamba naye. Isixuku esikhulu samlandela, samminyanisa. Kwakukhona owesifazane owayenomopho iminyaka eli-12. Wayehluphekile kakhulu, ehla enyuka ezinyangeni eziningi, futhi esechithe konke ayenakho, kodwa kunhlanga zimuka nomoya; kubhebhetheka okwakumphethe. Esezwile ngoJesu, waya esixukwini ngasemuva, wathinta ingubo kaJesu, ngokuba wathi: “Uma nje ngingathinta izingubo zakhe, ngizakusindiswa.” Masinyane, umthombo wegazi lakhe wanqamuka, wezwa emzimbeni wakhe ukuthi usesindile esifeni ebesimhlupha. Kwathi uJesu angezwa kuye ukuthi amandla aphumile, waphendukela esixukwini, wathi: “Ngubani othinte izingubo zami na?” Abafundi bakhe bathi kuye: “Ingani uyabona ukuthi isixuku sikuminyanisile. ‘Pho ubuzelani ukuthi ngubani okuthintileyo na?’ ” Waqalaza ukuba abone ukuthi ngubani owayenze lokho.
NgokukaMarku 5:24-32 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Wahamba naye. Isixuku esikhulu samlandela, samcindezela. Owesifazane owayenomopho iminyaka eyishumi nambili, ehluphekile ngokuningi ezinyangeni eziningi, echithile konke ayenakho, engasizakalanga ngalutho, kodwa kwayilokhu kuqhubeka, esezwile ngoJesu, weza esixukwini ngasemuva, wathinta ingubo yakhe, ngokuba wathi: “Uma ngingathinta nje izingubo zakhe, ngizakusindiswa.” Kwanqamuka masinyane umthombo wegazi lakhe, wezwa emzimbeni ukuthi uphulukile enhluphekweni yakhe. Wanele ukuzwa uJesu phakathi kwakhe ukuthi amandla aphumile kuye, waphendukela esixukwini, wathi: “Ngubani othinte izingubo zami na?” Abafundi bakhe bathi kuye: “Uyabona isixuku sikucindezela, usuthi: ‘Ngubani ongithintileyo na?’ ” Waqalaza ukuba ambone owenzile lokho.
NgokukaMarku 5:24-32 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)