“Lalelani! Kwakukhona umuntu owaphuma ukuyohlwanyela. Kwathi ehlwanyela imbewu, enye yawela ngasendleleni; kwafika izinyoni, zayidla, zayiqeda. Enye imbewu yawela edwaleni, lapho kungenamhlabathi khona omningi. Yamila ngokushesha, ngokuba umhlabathi wawungajulile. Ekuphumeni kwelanga yantshwama, ngokuba izimpande zayo zazingajulile; yabuna. Enye imbewu yawela emeveni, ameva akhula, ayiminyanisa, ayaze yathela sithelo. Enye imbewu yawela emhlabathini ovundileyo; yaqhuma, yakhula, yathela isithelo. Enye yathela ngama-30, enye ngama-60, enye ngekhulu.” Wayesethi: “Onezindlebe zokuzwa makezwe.” Kwathi eseyedwa, ababenaye nabali-12 bambuza ngale mizekeliso. Wathi kubo: “Nina nambulelwe imfihlakalo yombuso kaNkulunkulu, kodwa abangaphandle, konke kuza kubo ngemizekeliso
Funda NgokukaMakhu 4
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaMakhu 4:3-11
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo