“Lalelani; bhekani, kwaphuma umhlwanyeli ukuyohlwanyela. Kwathi ekuhlwanyeleni kwakhe enye imbewu yawela ngasendleleni; kwafika izinyoni, zayidla zayiqeda. Enye yawela edwaleni, lapho yayingenamhlabathi omningi khona; yamila masinyane, ngokuba ingenamhlabathi ojulileyo. Kwathi ukuba liphume ilanga, yahamuka; nangokuba ingenampande, yabuna. Enye yawela emeveni; ameva akhula, ayiminyanisa, ayaze yathela isithelo. Enye yawela emhlabathini omuhle; yahluma, yakhula, yathela isithelo, yaveza ngamashumi amathathu, nangamashumi ayisithupha, nangekhulu.” Wayesethi: “Onezindlebe zokuzwa makezwe.” Lapho esengasesitha, ababe naye kanye nabayishumi nambili bambuza ngale mifanekiso. Wathi kubo: “Nina niphiwe imfihlakalo yombuso kaNkulunkulu, kodwa abangaphandle benzelwa konke ngemifanekiso
Funda NgokukaMarku 4
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaMarku 4:3-11
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo