Lalelani; Bheka, kwaphuma umhlwanyeli ukuyohlwanyela; Kwathi ekuhlanyeleni kwakhe, enye yawela ngasendleleni, kweza izinyoni zezulu, zayidla zayiqeda. Enye yawela edwaleni, lapho eyayingenamhlabathi omningi khona; yasihluma masinyane, ngoba yayingelakutshona komhlabathi; Kodwa seliphumile ilanga, lahangulwa; futhi ngenxa yokuthi yayingenampande, yabuna. Enye yawela phakathi kwameva, ameva akhula ayiminyanisa, kodwa ayizange ithele. Enye yawela emhlabathini omuhle, yathela isithelo, yakhula, yanda; yazala, enye ngamashumi amathathu, enye ngamashumi ayisithupha, enye ikhulu. Wasesithi kubo: Onezindlebe zokuzwa makezwe. Eseyedwa, ababemphahlile kanye nabayishumi nambili bambuza ngomfanekiso. Wathi kubo: “Nina niphiwe ukwazi imfihlakalo yombuso kaNkulunkulu
Funda Marku 4
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Marku 4:3-11
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo