NgokukaMakhu 4:10-20

NgokukaMakhu 4:10-20 ZUL20

Kwathi eseyedwa, ababenaye nabali-12 bambuza ngale mizekeliso. Wathi kubo: “Nina nambulelwe imfihlakalo yombuso kaNkulunkulu, kodwa abangaphandle, konke kuza kubo ngemizekeliso, ukuze bathi bebona nokubona, kodwa bangabonisisi; bathi bezwa nokuzwa, kepha bangaqondi, funa bapheduke, bathethelelwe.” Wayesethi kubo: “Uma ningawuqondi lo mzekeliso, pho niyakuyazi kanjani yonke eminye imizekeliso na? Umhlwanyeli uhlwanyela izwi. Abangasendleleni yilabo okuthi selihlwanyeliwe kubo izwi, balizwa, kodwa uSathane afike ngokushesha, alisuse izwi ebeselihlwanyelwe kubo. Imbewu ewele edwaleni, imele labo abathi bangalizwa izwi, balamukele masinyane ngokuthokoza, kodwa lingagxili kubo, ngokuba kabanampande; bahlala isikhashana nje, kuthi lapho kuvela ukuhlupheka nokuzingelwa ngenxa yezwi, bahlubuke ngokushesha. Abahlwanyelwe emeveni yilabo abathi sebelizwile izwi, kodwa liminyaniswe yiminako yalesi sikhathi: ukukhohlisa kwengcebo, nokunxanela ezinye izinto. Lokhu kuyangena kuliminyanise izwi, bese liba ngelingatheliyo. Abahlwanyelwe emhlabathini ovundileyo yilabo abalizwa izwi, qede balamukele, bathele isithelo ngama-30, ngama-60 nangekhulu.”

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaMakhu 4:10-20