NgokukaMarku 4:10-20
NgokukaMarku 4:10-20 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwathi eseyedwa, ababenaye nabali-12 bambuza ngale mizekeliso. Wathi kubo: “Nina nambulelwe imfihlakalo yombuso kaNkulunkulu, kodwa abangaphandle, konke kuza kubo ngemizekeliso, ukuze bathi bebona nokubona, kodwa bangabonisisi; bathi bezwa nokuzwa, kepha bangaqondi, funa bapheduke, bathethelelwe.” Wayesethi kubo: “Uma ningawuqondi lo mzekeliso, pho niyakuyazi kanjani yonke eminye imizekeliso na? Umhlwanyeli uhlwanyela izwi. Abangasendleleni yilabo okuthi selihlwanyeliwe kubo izwi, balizwa, kodwa uSathane afike ngokushesha, alisuse izwi ebeselihlwanyelwe kubo. Imbewu ewele edwaleni, imele labo abathi bangalizwa izwi, balamukele masinyane ngokuthokoza, kodwa lingagxili kubo, ngokuba kabanampande; bahlala isikhashana nje, kuthi lapho kuvela ukuhlupheka nokuzingelwa ngenxa yezwi, bahlubuke ngokushesha. Abahlwanyelwe emeveni yilabo abathi sebelizwile izwi, kodwa liminyaniswe yiminako yalesi sikhathi: ukukhohlisa kwengcebo, nokunxanela ezinye izinto. Lokhu kuyangena kuliminyanise izwi, bese liba ngelingatheliyo. Abahlwanyelwe emhlabathini ovundileyo yilabo abalizwa izwi, qede balamukele, bathele isithelo ngama-30, ngama-60 nangekhulu.”
NgokukaMarku 4:10-20 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Eseyedwa, ababemphahlile kanye nabayishumi nambili bambuza ngomfanekiso. Wathi kubo: “Nina niphiwe ukwazi imfihlakalo yombuso kaNkulunkulu; ukuze bebona babone, bangaboni; nokuzwa, bezwe, bangaqondi; funa noma nini baphenduke, bathethelelwe izono zabo. Wasesithi kubo: Kaliwazi yini lumfanekiso? Pho niyakuyazi kanjani imifanekiso yonke na? Umhlanyeli uhlanyela ilizwi. Laba ngasendleleni, lapho okuhlanyelwe khona ilizwi; kodwa nxa sebezwile, uSathane uyafika masinyane, alisuse izwi elihlwanyelwe ezinhliziyweni zabo. Kanjalo laba ngabahlwanyelwe edwaleni; abathi sebelizwile ilizwi, balamukele masinyane ngokuthokoza; njalo kabanampande phakathi kwabo, bahlala okwesikhathi; kuthi sekuvele ukuhlupheka kumbe ukuzingelwa ngenxa yelizwi, bahle bakhubeke. Laba yilabo abahlanyelwe emeveni; abalizwayo izwi, Kepha iminako yaleli zwe, nokukhohlisa kwengcebo, nezinkanuko zezinye izinto, kungena kuminyanise izwi, lingatheli. Laba yilabo abahlwanyelwe emhlabathini omuhle; abalizwayo izwi, balamukele, bathele isithelo, omunye ngamashumi amathathu, omunye ngamashumi ayisithupha, omunye ngekhulu.
NgokukaMarku 4:10-20 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Lapho esengasesitha, ababe naye kanye nabayishumi nambili bambuza ngale mifanekiso. Wathi kubo: “Nina niphiwe imfihlakalo yombuso kaNkulunkulu, kodwa abangaphandle benzelwa konke ngemifanekiso, ukuze ngokubona babone, bangabonisisi, nangokuzwa bezwe, bangaqondi, funa baphenduke, bathethelelwe.” Wayesethi kubo: “Aniwazi lo mfanekiso; pho, niyakuyazi kanjani yonke imifanekiso na? Umhlwanyeli uhlwanyela izwi. Abangasendleleni yilabo abathi lapho kuhlwanyelwa khona izwi, nanxa sebelizwile, kufike masinyane uSathane, alisuse izwi elihlwanyelwe kubo. Kanjalo abahlwanyelwe edwaleni yilabo abathi sebelizwile izwi, balamukele masinyane ngokuthokoza; kepha kabanampande phakathi kwabo, kodwa bahlala isikhashana nje, kuthi sekuvele ukuhlupheka nokuzingelwa ngenxa yezwi, bakhubeke masinyane. Abanye bangabahlwanyelwe emeveni; yibo abalizwile izwi, kepha iminako yalesi sikhathi, nokukhohlisa kwengcebo, nokunxanela ezinye izinto kungena kuliminyanise izwi, libe ngelingatheliyo. Nabahlwanyelwe emhlabathini omuhle yilabo abalizwa izwi, balamukele, bathele isithelo ngamashumi amathathu, nangamashumi ayisithupha, nangekhulu.”
NgokukaMarku 4:10-20 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)