UJesu nabafundi bakhe basuka baya ngasolwandle. Izixuku zamlandela, zivela eGalile naseJudiya, eJerusalema nase-Idumiya, nangaphesheya kweJordani, naseThire naseSidoni. Isixuku esikhulu seza kuye lapho sesizwile ngakho konke ayekwenza. UJesu wayesebatshela abafundi bakhe ukuba bamlungisele isikebhe ngenxa yesixuku, ukuze singamminyanisi. Ngokuba waphulukisa abaningi, kangangokuthi bonke ababegula babedudulana, bewela phezu kwakhe, ukuze bamthinte. Nomoya abangcolileyo lapho bembona, babewa phansi phambi kwakhe, bamemeze, bathi: “Wena uyiNdodana kaNkulunkulu.”
UJesu wabayalisisa omoya ababi ukuba bangalokothi bakudalule ukuthi ungubani.
UJesu wayesenyukela entabeni, wabiza labo ayebafuna; beza kuye. Waqoka abali-12, ababiza futhi ngabaphostoli ukuze babenaye, nokuba aphinde abathume ukuba bayoshumayela, nokuba babe negunya lokukhipha amadimoni. Wabamisa abali-12, wabaqamba lawa magama: uSimoni wamqamba wathi nguPhethro, uJakobe kaZebedewu, noJohane umfowabo; wabaqamba ngokuthi ngoBhowanergesi okusho ukuthi bangozulu liyaduma; u-Andreya, uFiliphu, uBhartholomewu, uMathewu, uThomase, uJakobe ka-Alifiyose, uThadewu, uSimoni uMkhanani, noJuda Iskariyothe owamkhaphelayo.