NgokukaMarku 3:7-19
NgokukaMarku 3:7-19 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kodwa uJesu wasuka wahamba labafundi bakhe, waya elwandle; naseJerusalema, nase-Idumiya, nangaphesheya kweJordani; nangaseTire naseSidoni, isixuku esikhulu, sesizwile ukuthi kukhulu akwenzayo, seza kuye. Wasekhuluma kubafundi bakhe ukuthi umkhunjana umlinde ngenxa yexuku, hlezi bammpitshe. Ngokuba wayephulukise abaningi; baze bamcindezela ukuba bamthinte bonke ababenezifo. Kwathi omoya abangcolileyo bembona, baziwise phansi phambi kwakhe, bakhale, bathi: “Wena uyiNdodana kaNkulunkulu. Wasebalaya kakhulu ukuthi bangamenzi aziwe. Wasesenyukela entabeni, wabiza labo ayebathanda; beza kuye. Wasemisa abalitshumi lambili, ukuthi babe laye, lokuthi abathume ukuyatshumayela; nokuba namandla okwelapha izifo, nokukhipha amademoni; USimoni amqamba ngokuthi uPetru; noJakobe kaZebedewu, noJohane umfowabo kaJakobe; wabaqamba ngokuthi uBowanerges, okungukuthi, amadodana okuduma; noAndreya, noFiliphu, noBartolomewu, noMathewu, noTomase, noJakobe ka-Alfewu, noThadewu, noSimoni umKhanani, NoJuda Iskariyothe owamkhaphelayo, bangena endlini.
NgokukaMarku 3:7-19 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UJesu nabafundi bakhe basuka baya ngasolwandle. Izixuku zamlandela, zivela eGalile naseJudiya, eJerusalema nase-Idumiya, nangaphesheya kweJordani, naseThire naseSidoni. Isixuku esikhulu seza kuye lapho sesizwile ngakho konke ayekwenza. UJesu wayesebatshela abafundi bakhe ukuba bamlungisele isikebhe ngenxa yesixuku, ukuze singamminyanisi. Ngokuba waphulukisa abaningi, kangangokuthi bonke ababegula babedudulana, bewela phezu kwakhe, ukuze bamthinte. Nomoya abangcolileyo lapho bembona, babewa phansi phambi kwakhe, bamemeze, bathi: “Wena uyiNdodana kaNkulunkulu.” UJesu wabayalisisa omoya ababi ukuba bangalokothi bakudalule ukuthi ungubani. UJesu wayesenyukela entabeni, wabiza labo ayebafuna; beza kuye. Waqoka abali-12, ababiza futhi ngabaphostoli ukuze babenaye, nokuba aphinde abathume ukuba bayoshumayela, nokuba babe negunya lokukhipha amadimoni. Wabamisa abali-12, wabaqamba lawa magama: uSimoni wamqamba wathi nguPhethro, uJakobe kaZebedewu, noJohane umfowabo; wabaqamba ngokuthi ngoBhowanergesi okusho ukuthi bangozulu liyaduma; u-Andreya, uFiliphu, uBhartholomewu, uMathewu, uThomase, uJakobe ka-Alifiyose, uThadewu, uSimoni uMkhanani, noJuda Iskariyothe owamkhaphelayo.
NgokukaMarku 3:7-19 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UJesu wasuka kanye nabafundi bakhe, waya ngaselwandle; isixuku esikhulu samlandela sivela eGalile, naseJudiya, naseJerusalema, nase-Idumiya, nangaphesheya kweJordani, nangaseTire, naseSidoni; isixuku esikhulu sesizwile konke akwenzayo seza kuye. Wayeseyala abafundi bakhe ukuba isikebhe simlindele ngenxa yesixuku sabantu, ukuze bangamcindezeli, ngokuba wayephulukisa abaningi, kwaze kwathi bonke abanezifo bawela phezu kwakhe ukuba bamnamathe. Nawomoya abangcolileyo bathi ukuba bambone, bawa phansi phambi kwakhe, bamemeza bathi: “Wena uyiNdodana kaNkulunkulu.” Wabayalisisa ukuba bangamzwakalisi. Wayesenyukela entabeni, wabizela kuye abebafuna yena; beza kuye. Wamisa abayishumi nambili ukuba babe naye nokuba abathume baye kushumayela, babe namandla okukhipha amademoni. Wayesemisa laba abayishumi nambili: uSimoni owamqamba igama lokuthi uPetru, noJakobe kaZebedewu, noJohane umfowabo kaJakobe; laba wabaqamba igama lokuthi oBowanergesi okungukuthi amadodana okuduma; no-Andreya, noFiliphu, noBartolomewu, noMathewu, noTomase, noJakobe ka-Alfewu, noThadewu, noSimoni umKhanani, noJuda Iskariyothe owamkhaphelayo.
NgokukaMarku 3:7-19 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)