NgokukaMakhu 3:31-35

NgokukaMakhu 3:31-35 ZUL20

Kwase kufika unina kaJesu nabafowabo, bema ngaphandle, base bethumela kuye ukuba ayobizwa. Isixuku esasimngungile sathi kuye: “Unyoko, abafowenu, nawodadewenu bemi ngaphandle; bayakufuna.” Wabaphendula wathi: “Ngubani umame nabafowethu na?” Waqalaza ebuka ababehlezi bemngungile, wathi: “Niyabona-ke, nangu umame nabafowethu. Ngokuba noma ngubani owenza intando kaNkulunkulu, nguye ongumfowethu nodadewethu nomame.”

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaMakhu 3:31-35