NgokukaMakhu 3:3-6

NgokukaMakhu 3:3-6 ZUL20

UJesu wathi kumuntu onesandla esishwabeneyo: “Sukuma, ume phakathi nendawo.” Wayesethi kubo: “Kuvunyelwe yini ngesabatha ukwenza okuhle noma okubi na? Ukusindisa noma ukubulala na?” Kepha bathula du. UJesu waqalaza nxazonke ebabuka, ethukuthele, edabukile kakhulu ngenxa yobulukhuni bezinhliziyo zabo. Wayesethi kulowo muntu: “Yelula isandla sakho.” Waselula, saphiliswa isandla sakhe. AbaFarisi baphuma ngokushesha bayohlanganisa amakhanda ngaye nabakaHerodi ukuthi bangambhubhisa kanjani.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaMakhu 3:3-6