NgokukaMakhu 15:6-20

NgokukaMakhu 15:6-20 ZUL20

Kwakuthi njalo ngesikhathi somkhosi, uPilatu abakhululele isiboshwa sibe sinye abasicelileyo. Kwakukhona omunye owayebizwa ngoBharabha, owayeboshwe namahlubuka, okwathi ngesikhathi sokuhlubuka, babulala umuntu. Isixuku sakhuphuka saya kuPilatu siyomcela ukuba asenzele njengalokhu ayejwayele ukusenzela. Kepha uPilatu wabaphendula, wathi: “Nithanda ukuba nginikhululele inkosi yabaJuda na?” UPilatu wayazi kahle ukuthi abaphristi abakhulu bamnikele ngenxa yomona. Kepha abaphristi abakhulu babhebhezela isixuku ukuba sithi kungcono asikhululele uBharabha. UPilatu wabuye waphendula, wathi kubo: “Pho nithi angenzenjani ngalona enithi uyinkosi yabaJuda na?” Babuye bamemeza, bathi: “Mbethele esiphambanweni!” Kepha uPilatu wathi kubo: “Ngokuba wenze bubi buni na?” Kepha bamemeza kakhulu, bathi: “Mbethele!” Khona uPilatu ethanda ukuthokozisa isixuku wasikhululela uBharabha, kepha wamshaya uJesu, wamnikela ukuba abethelwe. Amabutho ayesemhola, amngenisa endlini ethiwa iPhrethoriyu, aqoqela ndawonye lonke ibutho. Amembathisa ingubo ebukhwebezane, amethwesa umqhele ayeweluke ngameva. Aqala ukumkhulekela, athi: “Bayede, nkosi yabaJuda!” Amshaya ekhanda ngomhlanga, amkhafulela ngamathe, aguqa ngamadolo, akhuleka kuye. Esembhinqile, amhlubula ingubo ebukhwebezane, amembathisa izingubo zakhe, ayesephuma naye ukuba ayombethela esiphambanweni.