Marku 15:6-20

Marku 15:6-20 CZB24

Kepha ngomkhosi wayebakhululela isiboshwa sibe sinye, abasicelayo. Kwakukhona umuntu othiwa nguBarabasi, ebotshiwe kanye lababevukele umbuso laye, ababebulele ekuvukeleni umbuso. Isixuku sase simemeza saqala ukucela ukuba enze njengalokho ebevame ukwenza kubo. Kodwa uPilatu wabaphendula wathi: Lithanda ukuthi ngilikhululele inkosi yabaJuda yini? Ngoba wayesazi ukuthi abapristi abakhulu bamnikele ngomhawu. Kepha abapristi abakhulu babhebhezela isixuku ukuba kungcono abakhululele uBaraba. UPilatu waphinda waphendula, wathi kubo: Pho-ke nithanda ukuba ngimenzeni enithi uyinkosi yabaJuda na? Basebememeza futhi, besithi: Mbethele! UPilatu wasesithi kubo: Ngoba enze ububi bani? Basebememeza kakhulukazi, besithi: Mbethele esiphambanweni! Ngakho uPilatu ethanda ukukholisa ixuku, wabakhululela uBaraba; Amasosha amyisa egcekeni elithiwa iPretorio; balibizela ndawonye iviyo lonke. Bamembathisa okububende, baluka umqhele wameva, bawubeka ekhanda lakhe. Basebeqala ukumbingelela besithi: Bayede, Nkosi yabaJuda! Amshaya ekhanda ngomhlanga, amkhafulela, aguqa ngamadolo, akhuleka kuye. Sebemklolodele, bamhlubula okububende, bamgqokisa ezakhe izingubo, amkhiphela phandle ukuyombethela esiphambanweni.

Funda Marku 15