NgokukaMakhu 15

15
UJesu Ephambi KukaPilatu
(Mat. 27:1; Luk. 23:1; Joh. 18:28)
1Masinyane, ekuseni, abaphristi abakhulu, amalunga, izazimthetho nomkhandlu wonke bakha icebo, base bembopha uJesu, bamqhuba, bamnikela kuPilatu.
2UPilatu wambuza, wathi: “Wena uyinkosi yabaJuda na?”
Waphendula wathi kuye: “Usushilo.”
3Abaphristi abakhulu bamethwesa amacala amaningi. 4UPilatu wabuye wambuza, wathi: “Awuziphenduleli ngalutho na? Bheka nje ukuthi maningi kangakanani amacala abakwethwesa wona.”
5Kepha uJesu akabuyanga waphendula utho, waze wamangala uPilatu.
6Kwakuthi njalo ngesikhathi somkhosi, uPilatu abakhululele isiboshwa sibe sinye abasicelileyo. 7Kwakukhona omunye owayebizwa ngoBharabha, owayeboshwe namahlubuka, okwathi ngesikhathi sokuhlubuka, babulala umuntu. 8Isixuku sakhuphuka saya kuPilatu siyomcela ukuba asenzele njengalokhu ayejwayele ukusenzela.
9Kepha uPilatu wabaphendula, wathi: “Nithanda ukuba nginikhululele inkosi yabaJuda na?”
10UPilatu wayazi kahle ukuthi abaphristi abakhulu bamnikele ngenxa yomona. 11Kepha abaphristi abakhulu babhebhezela isixuku ukuba sithi kungcono asikhululele uBharabha.
12UPilatu wabuye waphendula, wathi kubo: “Pho nithi angenzenjani ngalona enithi uyinkosi yabaJuda na?”
13Babuye bamemeza, bathi: “Mbethele esiphambanweni!”
14Kepha uPilatu wathi kubo: “Ngokuba wenze bubi buni na?”
Kepha bamemeza kakhulu, bathi: “Mbethele!”
15Khona uPilatu ethanda ukuthokozisa isixuku wasikhululela uBharabha, kepha wamshaya uJesu, wamnikela ukuba abethelwe.
Amabutho Abhinqa UJesu
16Amabutho ayesemhola, amngenisa endlini ethiwa iPhrethoriyu, aqoqela ndawonye lonke ibutho. 17Amembathisa ingubo ebukhwebezane, amethwesa umqhele ayeweluke ngameva. 18Aqala ukumkhulekela, athi: “Bayede, nkosi yabaJuda!”
19Amshaya ekhanda ngomhlanga, amkhafulela ngamathe, aguqa ngamadolo, akhuleka kuye. 20Esembhinqile, amhlubula ingubo ebukhwebezane, amembathisa izingubo zakhe, ayesephuma naye ukuba ayombethela esiphambanweni. 21 Baphoqa umuntu owayedlula ngendlela, evela endle, okwakuthiwa uSimoni waseKhurene, uyise ka-Aleksandru noRufu, ukuba amthwalele isiphambano.
UJesu Ubethelwa Esiphambanweni
(Mat. 27:33; Luk. 23:26; Joh. 19:17)
22Amabutho amyisa endaweni okuthiwa yiGolgotha okungukuthi: “INdawo Yekhanda.”
23 Amnika iwayini elalixutshwe nemure, kodwa akalemukelanga. 24 Ambethela esiphambanweni, abelana ngezingubo zakhe ngokwenza unkatho, ukuze kwazeke ukuthi yilowo nalowo uthathani.
25Kwase kuyihora lesithathu ngesikhathi embethela esiphambanweni. 26Umbhalo wecala abekwe lona wawulotshwe phezulu esiphambanweni sakhe, uthi: INKOSI YABAJUDA. 27Kwakunabaphangi ababili ababebethelwe kanye naye, omunye engakwesokunene sakhe, omunye engakwesokhohlo sakhe. 28 Wagcwaliseka kanjalo umbhalo othi: “Wabalwa kanye nezelelesi.”
29 Ababedlula lapho bamhlambalaza, benikina amakhanda, bethi: “Ashila, wena odiliza ithempeli ubuye ulakhe ngezinsuku ezintathu, 30zisindise, wehle esiphambanweni.”
31Kanjalo nabaphristi abakhulu nezazimthetho, bambhinqa, bathi: “Wasindisa abanye, kodwa akakwazi ukuzisindisa. 32UKhristu, iNkosi yakwa-Israyeli, makehle manje esiphambanweni, ukuze sibone, sikholwe.”
Nababebethelwe naye, bamhlambalaza.
Ukufa KukaJesu
33Ngehora lesithupha kwaba mnyama ezweni lonke, kwaze kwaba yihora lesishiyagalolunye. 34 Ngehora lesishiyagalolunye, uJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Eloyi, Eloyi, lama sabakthani?” okungukuthi: “Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na?”
35Abanye balabo ababemi lapho bekuzwa lokho, bathi: “Niyamuzwa-ke, ubiza u-Eliya.”
36 Omunye wagijima, wagcwalisa ilula ngoviniga walichoma emhlangeni, wamphuzisa, wathi: “Yekani sibone ukuthi u-Eliya uzokuza yini azomehlisa.”
37UJesu wayesememeza ngezwi elikhulu, wafa.
38 Isihenqo sethempeli sadabuka kabili, kusuka phezulu kuze kufike phansi. 39Kepha induna yekhulu eyayimi lapho iqondene naye, kwathi lapho imbona efa, yathi: “Impela lo muntu ubeyiNdodana kaNkulunkulu.”
40 Kwakukhona nabesifazane ababebukela, bebuqamama. Phakathi kwabo kwakukhona uMariya Magdalena, uSalome, uMariya ozala uJakobe omncane noJose. 41Laba babengabalandeli bakaJesu eseseGalile, bemkhonza. Kwakunabanye futhi abesifazane abaningi ababenyukele naye eJerusalema.
Ukubekwa Kwesidumbu SikaJesu Ethuneni
(Mat. 27:57; Luk. 23:50; Joh. 19:38)
42Kwathi sekuhlwile, ngokuba kwakulusuku lokulungiselela usuku olwandulela isabatha, 43kwafika uJosefa wase-Arimatheya, ilunga elidumileyo lomkhandlu, owayewubhekile naye umbuso kaNkulunkulu; wangena ngesibindi kuPilatu, wacela isidumbu sikaJesu. 44UPilatu wamangala ukuthi uJesu wayesefile, waze wabiza induna yekhulu, wabuza kuyo ukuthi usefile yini na? 45Esezwile ngenduna yekhulu, wamnika uJosefa isidumbu. 46UJosefa wathenga indwangu yelineni, wamethula, wamsonga ngayo, wambeka ethuneni elaliqoshwe edwaleni, wagingqela itshe emnyango wethuna. 47UMariya Magdalena noMariya, unina kaJose, babona lapho ayebekwe khona uJesu.

Okuqokiwe okwamanje:

NgokukaMakhu 15: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo