NgokukaMakhu 15:42-47

NgokukaMakhu 15:42-47 ZUL20

Kwathi sekuhlwile, ngokuba kwakulusuku lokulungiselela usuku olwandulela isabatha, kwafika uJosefa wase-Arimatheya, ilunga elidumileyo lomkhandlu, owayewubhekile naye umbuso kaNkulunkulu; wangena ngesibindi kuPilatu, wacela isidumbu sikaJesu. UPilatu wamangala ukuthi uJesu wayesefile, waze wabiza induna yekhulu, wabuza kuyo ukuthi usefile yini na? Esezwile ngenduna yekhulu, wamnika uJosefa isidumbu. UJosefa wathenga indwangu yelineni, wamethula, wamsonga ngayo, wambeka ethuneni elaliqoshwe edwaleni, wagingqela itshe emnyango wethuna. UMariya Magdalena noMariya, unina kaJose, babona lapho ayebekwe khona uJesu.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaMakhu 15:42-47

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo