NgokukaMarku 15:42-47

NgokukaMarku 15:42-47 ZUL59

Kwathi ukuba kuhlwe, ngokuba kwakulusuku lokulungisela okungukuthi olwandulela isabatha, kwafika uJosefa wase-Arimatheya, ilunga elidumileyo lomphakathi, owayewubheka naye umbuso kaNkulunkulu; wangena ngesibindi kuPilatu, wacela isidumbu sikaJesu. Kepha uPilatu wamangala ngokuthi ngabe usefile, wabiza induna yekhulu, wabuza kuyo ukuthi sekukade efile na? Esezwile enduneni yekhulu wamnika uJosefa isidumbu. Wathenga indwangu enhle, wamehlisa, wamsonga ngaleyo ndwangu, wambeka ethuneni elaliqoshwe edwaleni, wagingqela itshe emnyango wethuna. OMariya Magdalena noMariya unina kaJose babona lapho abekwa khona.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaMarku 15:42-47

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo