Kwakukhona nabesifazane ababebukela, bebuqamama. Phakathi kwabo kwakukhona uMariya Magdalena, uSalome, uMariya ozala uJakobe omncane noJose. Laba babengabalandeli bakaJesu eseseGalile, bemkhonza. Kwakunabanye futhi abesifazane abaningi ababenyukele naye eJerusalema. Kwathi sekuhlwile, ngokuba kwakulusuku lokulungiselela usuku olwandulela isabatha, kwafika uJosefa wase-Arimatheya, ilunga elidumileyo lomkhandlu, owayewubhekile naye umbuso kaNkulunkulu; wangena ngesibindi kuPilatu, wacela isidumbu sikaJesu. UPilatu wamangala ukuthi uJesu wayesefile, waze wabiza induna yekhulu, wabuza kuyo ukuthi usefile yini na? Esezwile ngenduna yekhulu, wamnika uJosefa isidumbu. UJosefa wathenga indwangu yelineni, wamethula, wamsonga ngayo, wambeka ethuneni elaliqoshwe edwaleni, wagingqela itshe emnyango wethuna. UMariya Magdalena noMariya, unina kaJose, babona lapho ayebekwe khona uJesu.
Funda NgokukaMakhu 15
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaMakhu 15:40-47
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo