NgokukaMarku 15:40-47
NgokukaMarku 15:40-47 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwakukhona nabesifazane ababebukela, bebuqamama. Phakathi kwabo kwakukhona uMariya Magdalena, uSalome, uMariya ozala uJakobe omncane noJose. Laba babengabalandeli bakaJesu eseseGalile, bemkhonza. Kwakunabanye futhi abesifazane abaningi ababenyukele naye eJerusalema. Kwathi sekuhlwile, ngokuba kwakulusuku lokulungiselela usuku olwandulela isabatha, kwafika uJosefa wase-Arimatheya, ilunga elidumileyo lomkhandlu, owayewubhekile naye umbuso kaNkulunkulu; wangena ngesibindi kuPilatu, wacela isidumbu sikaJesu. UPilatu wamangala ukuthi uJesu wayesefile, waze wabiza induna yekhulu, wabuza kuyo ukuthi usefile yini na? Esezwile ngenduna yekhulu, wamnika uJosefa isidumbu. UJosefa wathenga indwangu yelineni, wamethula, wamsonga ngayo, wambeka ethuneni elaliqoshwe edwaleni, wagingqela itshe emnyango wethuna. UMariya Magdalena noMariya, unina kaJose, babona lapho ayebekwe khona uJesu.
NgokukaMarku 15:40-47 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kwakukhona nabesifazane bebukele bekude, phakathi kwabo kwakukhona uMariya Magdalena, noMariya unina kaJakobe omncinyane nokaJose, noSalome; labo labo, eseGalile, bamlandela, bemkhonza, labanye abesifazana abanengi abenyukela laye eJerusalema. Manje sekuhlwile, ngoba kwakulilungiselelo, okungukuthi, usuku olwandulela isabatha. kweza uJosefa wase-Arimathiya, ilunga elidumileyo, naye owayelindele umbuso kaNkulunkulu, wangena ngesibindi kuPilatu, wacela isidumbu sikaJesu. UPilatu wamangala ngokuthi wayesefile yini, wabiza induna yekhulu, wayibuza ukuthi usenesikhathi efile yini. Esekwazi enduneni yekhulu, wamnika uJosefa isidumbu. Wathenga ilineni elicolekileyo, wamehlisa, wamsonga ngelineni elicolekileyo, wambeka ethuneni elaliqoshwe edwaleni, wagingqela itshe emnyango wethuna. UMariya Magdalena noMariya unina kaJose babona lapho ayebekwe khona.
NgokukaMarku 15:40-47 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kwakukhona nabesifazane bebukela, bekude; phakathi kwabo kwakukhona noMariya Magdalena, noMariya unina kaJakobe omncane nokaJose, kanye noSalome ababemlandela eseseGalile, bemkhonza, nabanye abesifazane abaningi abenyukela naye eJerusalema. Kwathi ukuba kuhlwe, ngokuba kwakulusuku lokulungisela okungukuthi olwandulela isabatha, kwafika uJosefa wase-Arimatheya, ilunga elidumileyo lomphakathi, owayewubheka naye umbuso kaNkulunkulu; wangena ngesibindi kuPilatu, wacela isidumbu sikaJesu. Kepha uPilatu wamangala ngokuthi ngabe usefile, wabiza induna yekhulu, wabuza kuyo ukuthi sekukade efile na? Esezwile enduneni yekhulu wamnika uJosefa isidumbu. Wathenga indwangu enhle, wamehlisa, wamsonga ngaleyo ndwangu, wambeka ethuneni elaliqoshwe edwaleni, wagingqela itshe emnyango wethuna. OMariya Magdalena noMariya unina kaJose babona lapho abekwa khona.
NgokukaMarku 15:40-47 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kwakukhona nabesifazane bebukele bekude, phakathi kwabo kwakukhona uMariya Magdalena, noMariya unina kaJakobe omncinyane nokaJose, noSalome; labo labo, eseGalile, bamlandela, bemkhonza, labanye abesifazana abanengi abenyukela laye eJerusalema. Manje sekuhlwile, ngoba kwakulilungiselelo, okungukuthi, usuku olwandulela isabatha. Kweza uJosefa wase-Arimathiya, ilunga elidumileyo, naye owayelindele umbuso kaNkulunkulu, wangena ngesibindi kuPilatu, wacela isidumbu sikaJesu. UPilatu wamangala ngokuthi wayesefile yini, wabiza induna yekhulu, wayibuza ukuthi usenesikhathi efile yini. Esekwazi enduneni yekhulu, wamnika uJosefa isidumbu. Wathenga ilineni elicolekileyo, wamehlisa, wamsonga ngelineni elicolekileyo, wambeka ethuneni elaliqoshwe edwaleni, wagingqela itshe emnyango wethuna. UMariya Magdalena noMariya unina kaJose babona lapho ayebekwe khona.