NgokukaMakhu 12:41-44

NgokukaMakhu 12:41-44 ZUL20

UJesu wayesehlala phansi, maqondana nomphongolo womnikelo, wayebuka ukuthi isixuku sinikela kanjani umnikelo emphongolweni. Abaningi abacebileyo babenikela kakhulu. Kepha kwafika umfelokazi ompofu wanikela ngamafadingi amabili, okuyisitebela. Wayesebiza abafundi bakhe, wathi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini: lo mfelokazi ompofu unikele kakhulu kunabo bonke abanikele emphongolweni, ngokuba bonke bacaphune kokuningi abanakho banikela, kodwa lo mfelokazi ekusweleni kwakhe, unikele ngakho konke anakho, konke abephila ngakho.”

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaMakhu 12:41-44