NgokukaMarku 12:41-44

NgokukaMarku 12:41-44 ZUL59

Wayesehlala phansi maqondana nomphongolo womnikelo, wabuka isixuku sibeka umnikelo emphongolweni. Abaningi abacebileyo babeka kakhulu. Kwase kufika umfelokazi ompofu wabeka amafadingi* amabili okuyisitebela.* Wayesebabiza abafundi bakhe, wathi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini: Lo mfelokazi ompofu ubekile kakhulu kunabo bonke ababeke emphongolweni, ngokuba bonke babeka kokuchichimileyo kwabo, kepha yena ebumpofini bakhe ubeke konke anakho, konke abephila ngakho.”

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaMarku 12:41-44