Ngakusasa lapho bephuma eBhethaniya, uJesu walamba. Wabona umkhiwane buqamama, unamaqabunga, wasondela kuwo ethi hleze angathola okuthile kuwo. Esefikile kuwo akatholanga lutho, kodwa amacembe wodwa nje, ngokuba kwakungesiso isikhathi samakhiwane. UJesu wathi kuwo: “Akungabe kusadla noyedwa isithelo esivela kuwe kuze kube phakade.” Abafundi bakhe bakuzwa lokho. Bafika eJerusalema. UJesu wangena ethempelini, waqala ukuxosha abathengisayo nabathengayo ethempelini. Wagumbuqela amatafula alabo ababeshintshelana imali, nezihlalo zabathengisa ngamajuba. Akavumelanga muntu ukuba adabule ethempelini ethwele umthwalo. Wafundisa, wathi kubo: “Akulotshiwe yini ukuthi: ‘Indlu yami iyakubizwa ngokuthi yindlu yokukhuleka yezizwe zonke’ na? Kodwa nina seniyiphendule umhume wabaphangi.”
Funda NgokukaMakhu 11
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaMakhu 11:12-17
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo