Kwathi ngangomuso sebephumile eBethaniya walamba; Wabona umkhiwane ukude, unamaqabunga, weza ukuthi mhlawumbe angathola utho kuwo; ngoba isikhathi samakhiwane sasingekafiki. UJesu waphendula, wathi kuwo: “Akungabe kusadla muntu isithelo kuwe kuze kube phakade. Abafundi bakhe bezwa lokho. Bafika eJerusalema; uJesu wangena ethempelini, waqala ukuxosha ababethengisa nababethenga ethempelini, wagumbuqela amatafula abashintshela imali, nezihlalo zabathengisa ngamajuba; Wayengavumeli muntu ukuthi adabule ithempeli ethwele isitsha. Wafundisa, wathi kubo: “Akulotshiwe yini ukuthi: ‘Indlu yami iyakubizwa ngokuthi yindlu yokukhuleka yezizwe zonke’? kepha nina niyenze umhume wabaphangi.
Funda Marku 11
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Marku 11:12-17
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo