NgokukaMakhu 11:1-26

NgokukaMakhu 11:1-26 ZUL20

Kwathi lapho besondela eJerusalema, naseBhethifage, naseBhethaniya ngaseNtabeni Yeminqumo, uJesu wayesethuma abafundi bakhe ababili, wathi kubo: “Hambani niye emzaneni oqondene nani, kuyakuthi nje lapho ningena kuwo, nifumane ithole lembongolo elingakaze ligitshelwe muntu, likhulekiwe; lithukululeni, nililethe. Uma kukhona umuntu othi kini: ‘Nikwenzelani lokhu na?’ anothi ‘INkosi iyalidinga, izakulibuyisa lapha masinyane.’ ” Bahamba-ke, balithola ithole liboshelwe ngasesangweni ngaphandle emgwaqweni; balithukulula. Abanye kwababemi lapho bathi kubo: “Nenzani, nilithukululelani ithole na?” Babaphendula njengalokhu uJesu ayeshilo, base bebayeka. Baliletha ithole kuJesu, babeka izingubo zabo phezu kwalo, wahlala kulo. Abaningi bendlala izingubo zabo endleleni, abanye amahlamvu ababewagawule endle. Labo ababehamba phambili nalabo ababelandela, bamemeza bathi: “Hosana! Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi. Ubusisiwe umbuso ozayo kababa uDavide. Hosana kweliphezulu!” UJesu wangena eJerusalema, waya ethempelini. Esebuke nxazonke, waphuma. Kuthe sekuhlwile, waya eBhethaniya nabali-12. Ngakusasa lapho bephuma eBhethaniya, uJesu walamba. Wabona umkhiwane buqamama, unamaqabunga, wasondela kuwo ethi hleze angathola okuthile kuwo. Esefikile kuwo akatholanga lutho, kodwa amacembe wodwa nje, ngokuba kwakungesiso isikhathi samakhiwane. UJesu wathi kuwo: “Akungabe kusadla noyedwa isithelo esivela kuwe kuze kube phakade.” Abafundi bakhe bakuzwa lokho. Bafika eJerusalema. UJesu wangena ethempelini, waqala ukuxosha abathengisayo nabathengayo ethempelini. Wagumbuqela amatafula alabo ababeshintshelana imali, nezihlalo zabathengisa ngamajuba. Akavumelanga muntu ukuba adabule ethempelini ethwele umthwalo. Wafundisa, wathi kubo: “Akulotshiwe yini ukuthi: ‘Indlu yami iyakubizwa ngokuthi yindlu yokukhuleka yezizwe zonke’ na? Kodwa nina seniyiphendule umhume wabaphangi.” Abaphristi abakhulu nezazimthetho bakuzwa lokho, bafuna ukuthi bangambhubhisa kanjani, ngokuba babemesaba, kwazise izindimbane zabantu zazimangaliswa ngukufundisa kwakhe. Kwathi kungahlwa, baphumela ngaphandle komuzi. Ngakusasa ekuseni badlula bawubona umkhiwane ubunile kusukela ezimpandeni. UPhethro ekhumbula okwakwenzekile, wathi kuJesu: “Rabi, bheka, umkhiwane owuqalekisileyo ubunile.” UJesu waphendula, wathi kubo: “Kholwani nguNkulunkulu. “Ngiqinisile ngithi kini: yilowo nalowo oyakuthi kule ntaba: ‘Zimbuka uphonseke olwandle,’ engangabazi enhliziyweni yakhe, kodwa ekholwa ukuthi lokho akushoyo kuzokwenzeka, uyakukwenzelwa lokho. Ngakho-ke ngithi kini: konke enikukhulekelayo nenikucelayo, kholwani ukuthi nikwamukele, nizakuba nakho. Uma futhi nimi nikhuleka, thethelelanani, uma ninamagqubu nomunye, ukuze noYihlo osezulwini anithethelele iziphambeko zenu. Kepha uma nina ningathethelelani, noYihlo osezulwini akayukunithethelela iziphambeko zenu.”

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo