NgokukaMarku 11:1-26

NgokukaMarku 11:1-26 ZUL59

Kwathi ukuba basondele eJerusalema, naseBetfage, naseBethaniya ngaseNtabeni Yeminqumo, wathuma ababili kubafundi bakhe, wathi kubo: “Hambani niye emzaneni obhekene nani; kothi nisangena kuwo, nizakufumana ithole lembongolo likhulekiwe, okungakaze kuhlale muntu kulo; lithukululeni, nililethe. Uma umuntu ethi kini: ‘Nikwenzelani lokhu na?’ anothi: ‘INkosi iyalidinga; izakulibuyisela lapha masinyane.’ ” Bahamba, bafumana ithole likhulekiwe ngasesangweni ngaphandle emgwaqweni; balithukulula. Abanye kwababemi khona bathi kubo: “Nenzani nilithukulula ithole na?” Basho kubo njengokusho kukaJesu; base bebayeka. Baliletha ithole kuJesu, babeka izingubo zabo phezu kwalo, wakhwela kulo. Abaningi bendlala izingubo zabo endleleni, abanye amahlamvu ababewagawule endle. Ababehamba phambili nababelandela bamemeza bathi: “Hosiyana! Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi. Ubusisiwe umbuso ozayo kababa uDavide. Hosiyana kweliphezulu!” UJesu wangena eJerusalema, waya ethempelini; esekubukile konke waphuma, sekuhlwile, waya eBethaniya kanye nabayishumi nambili. Ngangomuso ekuphumeni kwabo eBethaniya walamba. Wabona umkhiwane ukude, unamaqabunga, wasondela ethi mhlawumbe angathola utho kuwo; esefikile kuwo akafumananga lutho, amaqabunga odwa, ngokuba kwakungesiso isikhathi samakhiwane. UJesu wakhuluma, wathi kuwo: “Akungabe kusadla noyedwa isithelo kuwe kuze kube phakade.” Abafundi bakhe bakuzwa. Bafika eJerusalema. Wangena ethempelini, waqala ukuxosha abathengisayo nabathengayo ethempelini, wagumbuqela amatafula abashintshelana imali nezihlalo zabathengisa ngamajuba; wayengavumi ukuba umuntu adabule ithempeli ethwele isitsha. Wafundisa, wathi kubo: “Akulotshiwe yini ukuthi, ‘indlu yami iyakubizwa ngokuthi indlu yokukhuleka yezizwe zonke’ na? Kepha nina niyenze ‘umhume wabaphangi.’ ” Abapristi abakhulu nababhali bekuzwa lokho bazindla ngokuthi bangambhubhisa kanjani, ngokuba babemesaba, lokhu isixuku sonke samangala ngokufundisa kwakhe. Njalo ngokuhlwa baphuma emzini. Kusasa bedlula babona umkhiwane ubunile kusukela ezimpandeni. UPetru ekhumbula wathi kuye: “Rabi, bheka, umkhiwane owuqalekisileyo ubunile.” UJesu waphendula, wathi kubo: “Kholwani nguNkulunkulu. Ngiqinisile ngithi kini: Yilowo nalowo oyakuthi kule ntaba: ‘Nqukuleka, uphonseke elwandle,’ engangabazi enhliziyweni yakhe kepha ekholwa ukuthi lokho akushoyo kuyenzeka, uzakuba nakho. Ngalokho ngithi kini: Konke enikukhulekelayo nenikucelayo, kholwani ukuthi nikwamukele, nizakuba nakho. Futhi nxa nimi nikhuleka, thethelelani, uma ninamagqubu nomunye, ukuze noYihlo osezulwini anithethelele iziphambeko zenu. Kepha uma nina ningathetheleli, noYihlo osezulwini akayikunithethelela iziphambeko zenu.”

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo