Ngalezo zinsuku kwafika uJesu evela eNazaretha eGalile, wabhabhadiswa nguJohane eJordani. Kwathi nje ukuba aphume emanzini, wabona izulu livuleka, noMoya ehlela phezu kwakhe njengejuba. Kwezwakala izwi livela ezulwini, lithi: “Wena uyiNdodana yami ethandekayo; ngithokozile ngawe.” Masinyane uMoya wamkhiphela ehlane elilugwadule. Wahlala khona izinsuku ezingama-40 elingwa nguSathane, wayephakathi kwezilwane zasendle, kodwa izingelosi zazimkhonza.
Funda NgokukaMakhu 1
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaMakhu 1:9-13
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo