NgokukaMarku 1:9-13
NgokukaMarku 1:9-13 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kwathi ngalezo zinsuku kwafika uJesu evela eNazaretha laseGalile, wabhapathizwa nguJohane eJordani. Wathi ekhuphuka ephuma emanzini, wabona izulu livulekile, noMoya ehlela phezu kwakhe njengejuba. Kwavela izwi ezulwini, lithi: “Wena uyiNdodana yami ethandekayo, engithokozile ngayo. Masinyane uMoya wamqhubela ehlane. Wayekhona ehlane izinsuku ezingamashumi amane elingwa nguSathane; futhi wayekanye nezilwane zasendle; izingelosi zamkhonza.
NgokukaMarku 1:9-13 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kwathi ngalezo zinsuku kwafika uJesu evela eNazaretha laseGalile, wabhapathizwa nguJohane eJordani. Wathi ekhuphuka ephuma emanzini, wabona izulu livulekile, noMoya ehlela phezu kwakhe njengejuba. Kwavela izwi ezulwini, lithi: “Wena uyiNdodana yami ethandekayo, engithokozile ngayo. Masinyane uMoya wamqhubela ehlane. Wayekhona ehlane izinsuku ezingamashumi amane elingwa nguSathane; futhi wayekanye nezilwane zasendle; izingelosi zamkhonza.
NgokukaMarku 1:9-13 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngalezo zinsuku kwafika uJesu evela eNazaretha eGalile, wabhabhadiswa nguJohane eJordani. Kwathi nje ukuba aphume emanzini, wabona izulu livuleka, noMoya ehlela phezu kwakhe njengejuba. Kwezwakala izwi livela ezulwini, lithi: “Wena uyiNdodana yami ethandekayo; ngithokozile ngawe.” Masinyane uMoya wamkhiphela ehlane elilugwadule. Wahlala khona izinsuku ezingama-40 elingwa nguSathane, wayephakathi kwezilwane zasendle, kodwa izingelosi zazimkhonza.
NgokukaMarku 1:9-13 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kwathi ngaleyo mihla kwafika uJesu evela eNazaretha laseGalile, wabhapathizwa nguJohane eJordani. Wanele ukukhuphuka emanzini, wabona izulu livuleka, noMoya ehlela phezu kwakhe njengejuba. Kwavela izwi ezulwini, lithi: “Wena uyiNdodana yami ethandekayo; ngithokozile ngawe.” Masinyane uMoya wayesemqhubela ehlane. Wayekhona ehlane izinsuku ezingamashumi amane elingwa nguSathane; wayendawonye nezilwane; izingelosi zamkhonza.