NgokukaMarku 1:9-13

NgokukaMarku 1:9-13 ZUL59

Kwathi ngaleyo mihla kwafika uJesu evela eNazaretha laseGalile, wabhapathizwa nguJohane eJordani. Wanele ukukhuphuka emanzini, wabona izulu livuleka, noMoya ehlela phezu kwakhe njengejuba. Kwavela izwi ezulwini, lithi: “Wena uyiNdodana yami ethandekayo; ngithokozile ngawe.” Masinyane uMoya wayesemqhubela ehlane. Wayekhona ehlane izinsuku ezingamashumi amane elingwa nguSathane; wayendawonye nezilwane; izingelosi zamkhonza.

Video for NgokukaMarku 1:9-13

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaMarku 1:9-13