Sebephumile esinagogeni, baya masinyane endlini kaSimoni no-Andreya, benoJakobe noJohane. Umkhwekazi kaSimoni wayelele, ephethwe ngumkhuhlane; baphangisa bambikela uJesu ngaye. Esesondele kuye, wambamba ngesandla, wamsukumisa; umkhuhlane waphela; wabakhonza. Kwathi ngokuhlwa, ilanga selizilahle kunina, baletha kuye bonke abagulayo nabanamadimoni. Wonke umuzi wabuthana ngasemnyango waleyo ndlu. Waphilisa abaningi ababephethwe yizifo ezinhlobonhlobo, wakhipha amadimoni amaningi; akawavumelanga amadimoni ukuba akhulume, ngokuba ayemazi. Kwathi ekuseni ngovivi, wavuka, waphuma, waya endaweni eyihlane, wayokhuleka khona. USimoni nababenaye bamfuna. Kwathi ukuba bamfumane, bathi kuye: “Bonke bayakufuna.” Wathi kubo: “Masihambe siye nakwezinye izindawo, emizaneni eseduze, ukuze ngishumayele nakhona, ngokuba ngeza ngenxa yaleso sizathu.”
Funda NgokukaMakhu 1
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaMakhu 1:29-38
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo