NgokukaMarku 1:29-38

NgokukaMarku 1:29-38 ZUL59

Sebephume esinagogeni* bangena masinyane endlini kaSimoni no-Andreya, benoJakobe noJohane. Umkhwekazi kaSimoni wayelele enomkhuhlane; bashesha bamtshela ngaye. Waya kuye, wamlulamisa embamba ngesandla; umkhuhlane wamyeka, wabakhonza. Kwathi ukuba kuhlwe, selishonile ilanga, baletha kuye bonke abagulayo nabakhwelwe ngamademoni. Umuzi wonke wawubuthene ngasemnyango. Waphulukisa abaningi abaphethwe yizifo ngezifo, wakhipha amademoni amaningi, wayengawavumeli amademoni ukukhuluma, ngokuba ayemazi. Ekuseni kusemnyama kakhulu, wavuka waphuma, waya endaweni eyihlane, wakhuleka khona. USimoni nababe naye bamlandela ngokuphuthuma. Sebemfumene bathi kuye: “Bonke bayakufuna.” Wathi kubo: “Masiye kwezinye izindawo emizaneni eseduze ukuba ngishumayele nakhona; ngokuba ngiphumele khona lokho.”

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaMarku 1:29-38

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo