NgokukaMarku 1:29-38
NgokukaMarku 1:29-38 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Base bephuma esinagogeni bangena masinyane endlini kaSimoni no-Andreya kanye noJakobe noJohane. Kepha umkhwekazi kaSimoni wayelele enomkhuhlane, bahle bamtshela ngaye. Wasondela, wambamba ngesandla, wamsukumisa; umkhuhlane wamyeka masinyane, wabakhonza. Kwathi sekuhlwile, ilanga selishonile, baletha kuye bonke ababegula nababekhwelwe ngamademoni. Umuzi wonke wawubuthene ngasemnyango. Waphulukisa abaningi ababephethwe yizifo ngezifo, wakhipha amademoni amaningi; njalo wayengawavumeli amadimoni ukuthi akhulume, ngoba ayemazi. Ekuseni kusesekuseni kakhulu, wavuka waphuma, waya endaweni eyihlane, wakhuleka khona. USimoni nababe naye bamlandela. Sebemtholile bathi kuye: Bonke bayakufuna. Wathi kubo: “Asihambe siye emizini eseduze, ukuze ngishumayele nakhona, ngokuba ngiphumele lokho.
NgokukaMarku 1:29-38 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Sebephumile esinagogeni, baya masinyane endlini kaSimoni no-Andreya, benoJakobe noJohane. Umkhwekazi kaSimoni wayelele, ephethwe ngumkhuhlane; baphangisa bambikela uJesu ngaye. Esesondele kuye, wambamba ngesandla, wamsukumisa; umkhuhlane waphela; wabakhonza. Kwathi ngokuhlwa, ilanga selizilahle kunina, baletha kuye bonke abagulayo nabanamadimoni. Wonke umuzi wabuthana ngasemnyango waleyo ndlu. Waphilisa abaningi ababephethwe yizifo ezinhlobonhlobo, wakhipha amadimoni amaningi; akawavumelanga amadimoni ukuba akhulume, ngokuba ayemazi. Kwathi ekuseni ngovivi, wavuka, waphuma, waya endaweni eyihlane, wayokhuleka khona. USimoni nababenaye bamfuna. Kwathi ukuba bamfumane, bathi kuye: “Bonke bayakufuna.” Wathi kubo: “Masihambe siye nakwezinye izindawo, emizaneni eseduze, ukuze ngishumayele nakhona, ngokuba ngeza ngenxa yaleso sizathu.”
NgokukaMarku 1:29-38 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Sebephume esinagogeni* bangena masinyane endlini kaSimoni no-Andreya, benoJakobe noJohane. Umkhwekazi kaSimoni wayelele enomkhuhlane; bashesha bamtshela ngaye. Waya kuye, wamlulamisa embamba ngesandla; umkhuhlane wamyeka, wabakhonza. Kwathi ukuba kuhlwe, selishonile ilanga, baletha kuye bonke abagulayo nabakhwelwe ngamademoni. Umuzi wonke wawubuthene ngasemnyango. Waphulukisa abaningi abaphethwe yizifo ngezifo, wakhipha amademoni amaningi, wayengawavumeli amademoni ukukhuluma, ngokuba ayemazi. Ekuseni kusemnyama kakhulu, wavuka waphuma, waya endaweni eyihlane, wakhuleka khona. USimoni nababe naye bamlandela ngokuphuthuma. Sebemfumene bathi kuye: “Bonke bayakufuna.” Wathi kubo: “Masiye kwezinye izindawo emizaneni eseduze ukuba ngishumayele nakhona; ngokuba ngiphumele khona lokho.”
NgokukaMarku 1:29-38 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)