UMikha 6

6
USimakade Umangalela U-Israyeli
1Ake nizwe okushiwo nguSimakade, ethi:
“Sukuma umangalele izintaba,
amagquma mawalizwe iphimbo lakho.
2Zwanini zintaba udaba lukaSimakade,
nazi zisekelo zomhlaba eziqinileyo,
ngokuba uSimakade unodaba ngabantu bakhe,
uzakuqagulisana no-Israyeli.
3“Bantu bami, ngenzeni kinina na?
Nginikhathaze ngani na?
Ngiphenduleni.
4Nganikhuphula eGibhithe,
nganihlenga endlini yezigqila,
ngathumela uMose, u-Aroni noMiriyamu
ukuba banihole.
5Bantu bami, ake nikhumbule
okwahlelwa nguBhalaki inkosi yakwaMowabi,
nokuthi wamphendula wathini
uBhalamu indodana kaBheyori,
nokusuka eShithimi kuya eGiligali
ukuba nazi ngokulunga kukaSimakade.”
Okufunwa NguSimakade
6Ngiyakufika ngiphetheni nje kuSimakade,
engiyakukhothama nakho kuNkulunkulu ophezulu na?
Ngabe ngiyakufika kuye
neminikelo yokushiswa
namathole anonyaka na?
7Ngabe uyakuthokoza yini uSimakade
ngezinqama eziyinkulungwane,
nangezinkulungwane ezilishumi zemifula yamafutha na?
Ngiyakunikela ngezibulo lami yini ngenxa yesiphambeko sami,
isithelo sesisu sami ngenxa yesono senhliziyo yami na?
8Wena muntu, uSimakade ukutshelile
ukuthi kuyini okuhle,
nokuthi uSimakade ufunani kuwe,
ukuthi wenze ubulungiswa,
uthande ukwethembeka,
uhambe ngokuthobeka
kanye noNkulunkulu wakho.
9Iphimbo likaSimakade limemeza umuzi.
Igama lakho liyakubona impumelelo.
Lalela sizwe kanye nalowo osiqokileyo.
10Ngabe kusekhona ingcebo embi
endlini yezikhohlakali,
ne-efa elincane eliqalekisiweyo na?
11Ngingathalalisa yini ngezikali zokuqola
nesaka lesisindo sobuqili na?
12Labo abacebileyo bakhona
banobudlova obedlulele,
nezakhamuzi zakhona zihubhuza amanga,
nolimi lwenkohliso lusemlonyeni wazo.
13Ngakho-ke Mina ngiyakukugulisa ngokukushaya,
ngikwenze incithakalo ngenxa yezono zakho.
14Uyakudla, kodwa ungasuthi,
uyakubhekana nendlala,
uthathe kodwa ungakulethi endaweni ephephileyo,
noma yini oyiletha endaweni evikelekile,
ngiyakuyinikela enkembeni.
15“Uyakutshala, kodwa ungavuni;
uyakugxoba iminqumo,
kepha ungazigcobi wena ngamafutha,
ukhame izithelo zomvini,
kodwa wena ungaliphuzi iwayini.
16Izimiso zika-Omri ziyalandelwa,
nayo yonke imisebenzi yendlu ka-Ahabi
nihambe ngayo,
ngokwamacebo abo,
ngalokho-ke ngiyakunenza incithakalo,
nezakhamuzi into enximfelwayo,
niyakuthwala ihlazo labantu bami.”

Okuqokiwe okwamanje:

UMikha 6: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume