UMikha 7

7
Ukuziphatha Kabi Kwabakwa-Israyeli
1Maye kimi!
Ngokuba sengifana nokuvunwa
kwezithelo zasehlobo,
nanjengokukhothozwa komvini,
akukho hlukuzo lamagilebhisi elingadliwa,
iphango lami linxanela amakhiwane okuqala.
2Abathembekileyo bashabalele ezweni,
akekho oqotho kubantu;
bonke balala unyendle, bachithe igazi;
yilowo nalowo uzingela umfowabo ngogibe.
3Izandla zabo zenza kahle okubi.
Isikhulu sinesicelo,
umehluleli ubheka umfumbathiso;
omkhulu ukhuluma ngesifiso somphefumulo wakhe;
benze itulo ngalokho.
4Omuhle kubo unjengehlokozi elinameva;
oqotho kubo mubi kunothango lwameva.
Usuku lwabalindi bakho
nolokujeziswa kwakho sekufikile;
sekuyakuba ngukudideka kwabo.
5Ningathembeli kumakhelwane,
ningakholwa ngumngani.
Qaphela okukhuluma ngomlomo wakho
kulowo olala esifubeni sakho.
6Ngokuba indodana iphatha kabi uyise;
indodakazi ivukela unina;
umakoti umelana noninazala,
nezitha zomuntu ngabantu bendlu yakhe.
7Mina ngiyakubheka uSimakade,
ngilindele uNkulunkulu oyakungisindisa;
uNkulunkulu wami uyakungizwa.
8Sitha sami, ungasini ngethambo lami;
ngokuba uma ngiwile, ngiyakuvuka;
lapho ngihlezi ebumnyameni,
uSimakade uyakuba ngukukhanya kwami.
9Ngiyakubhekana nolaka lukaSimakade,
ngokuba ngonile kuye,
aze alumele udaba lwami,
angenzele ubulungiswa,
angikhiphele ekukhanyeni,
ngibone ukulunga kwakhe.
10Isitha sami siyakukubona,
sikhungathwe ngamahloni,
leso ebesithi kimi:
“Uphi uSimakade uNkulunkulu wakho na?
Amehlo ami ayakusibona,
manje siyakunyathelwa njengodaka emigwaqweni.
11“Kuyakufika usuku lokwakha ugange lwakho,
ngalolo lusuku umngcele wakho
uyakunwetshwa ube kude.
12Ngalolo lusuku abantu bayakufika kuwe
bevela e-Asiriya nasemizini eGibhithe,
kusukela eGibhithe kuze kube semfuleni,
kusukela olwandle kuze kube solwandle,
kusukela entabeni kuze kube sentabeni.
13Umhlaba uyakuba yincithakalo
ngenxa yezakhamuzi zalo
nangenxa yezenzo zabo.
14Yelusa abantu bakho ngentonga yakho;
umhlambi oyifa lakho,
ohlala wodwa ehlathini phakathi eKharimeli;
mawuklabe eBhashani nakwaGileyadi
njengasezinsukwini zasemandulo.
15“Njengasemihleni yokuphuma kwakho eGibhithe
ngiyakubabonisa izimangaliso.”
16Izizwe ziyakubona zibe namahloni,
ngawo wonke amandla azo,
ziyakubeka isandla emlonyeni,
izindlebe zazo zingezwa lutho.
17Ziyokhotha uthuli njengenyoka,
zihuquzele njengezinto ezihuquzela emhlabathini.
Ziyakuphuma ezinqabeni zazo zithuthumela,
zize kuSimakade uNkulunkulu wethu,
ziyakushaywa wuvalo,
zikwesabe wena.
18Ngubani onguNkulunkulu njengawe
othethelela ukona,
ayekelele isiphambeko sensali eyifa lakhe;
akahlali ethukuthele ingunaphakade
ngokuba uthokozela umusa.
19Uyakubuye asihawukele,
anyathele iziphambeko zethu,
aphonse zonke izono zethu
ekujuleni kolwandle.
20Uyakwethembeka kuJakobe
ube nomusa ku-Abhrahama
owafunga ngawo kobaba
ezinsukwini zasemandulo.

Okuqokiwe okwamanje:

UMikha 7: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume