UMikha 5

5
Umbusi Ka-Israyeli Oyovela EBhethlehema
1Viva ngamabutho ndodakazi,
kukhona osivimbezelayo;
umehluleli ka-Israyeli bayakumshaya esihlathini.
2“Kepha wena Bhethlehema Efratha,
nakuba ungomncinyane emindenini yakwaJuda,
ngiyakuvusa oyakuvela kuwe,
uyakuba ngumbusi kwa-Israyeli,
ondabuko yakhe ngeyasemandulo,
ezinsukwini zaphakade.”
3Ngakho-ke uyakubakhaphela
kuze kube yisikhathi sokuba
okhulelweyo abelethe.
Kuyakuthi lapho esebelethile,
abafowabo abaseleyo babuyele
kubantu bakwa-Israyeli.
4Uyakuma, eluse ngamandla kaSimakade
nangobukhulu begama likaSimakade
uNkulunkulu wakhe.
Bayakuhlala bevikelekile,
ngokuba uyakuba mkhulu
kuze kube semaphethelweni omhlaba.
5Lokhu kuyakuba ngukuthula:
kuyakuthi lapho i-Asiriya litheleka ezweni lethu,
linyathela ezinqabeni zethu,
simelane nalo ngabelusi abayisikhombisa
nangezikhulu zabantu eziyisishiyagalombili.
6Bayakubusa i-Asiriya ngenkemba,
nezwe lakwaNimrode ngezintuba zalo,
Uyakusihlenga e-Asiriya,
lapho litheleka ezweni lethu,
nalapho linyathela emingceleni yethu.
7Insali kaJakobe iyakuba
phakathi kwezizwe eziningi
njengamazolo avela kuSimakade,
nanjengezihlambi otshanini ezingalindeli muntu,
nezingahlaleli bantwana babantu.
8Insali kaJakobe iyakuba sezizweni,
kubantu abaningi,
njengengonyama iphakathi kwezilwane zehlathi,
nanjengewundlu lengonyama
liphakathi komhlambi wezimvu,
elithi uma lidabula phakathi kwawo,
linyathele, linephunephuze,
kungabi bikho ohlengayo.
9Masiphakanyiswe isandla sakho
phezu kwezitha zakho,
ziqedwe nya zonke izitha zakho.
10USimakade uthi:
“Kuyakuthi ngalolo lusuku,
nginqume amahhashi akho onawo,
ngiqede nya ngezinqola zakho.
11Ngiyakubhidliza imizi ezweni lakho,
ngizicekele phansi zonke izinqaba zakho.
12Ngiyakushabalalisa ukulumba
okwenza ngezandla zakho,
kungabe kusababikho ababhula kuwe.
13Ngiyakunquma izithombe zakho ezibaziweyo
nezinsika zakho onazo,
ungaphindi futhi ukhothamele
imisebenzi yezandla zakho.
14Ngiyakusiphula izinsika zo-Ashera bakho onabo,
ngishabalalise imizi yakho.
15Ngiyakuphindisela ngentukuthelo nangolaka
ezizweni ezingalalelanga.”

Okuqokiwe okwamanje:

UMikha 5: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo