UMikha 4

4
Isithembiso Sokuthula Nenala
1Kuyakuthi ngezinsuku zokugcina
intaba yendlu kaSimakade
iqiniswe esiqongweni sezintaba,
ibe yinde kunamagquma,
abantu abaningi bayakugelezela kuyo.
2Izizwe eziningi ziyakufika zithi:
“Wozani, masikhuphukele entabeni kaSimakade,
nasendlini kaNkulunkulu kaJakobe,
ukuze asifundise ezindleleni zakhe,
size sikwazi ukuhamba emikhondweni yakhe,
ngokuba eZiyoni kuyakuvela umthetho,
nezwi likaSimakade eJerusalema.
3Uyakwehlulela izizwe eziningi,
akhiphe isinqumo ezizweni ezinamandla ezikude.
Ziyakucangcatha izinkemba zazo
zibe ngamageja,
imikhonto yazo ibe yiziphundli.
Isizwe asisayukuhlasela esinye isizwe ngenkemba,
futhi azisayukuqeqeshelwa ukulwa.
4Bayakuhlala, kube yilowo nalowo
phansi komvini wakhe
naphansi komkhiwane wakhe;
akekho oyakubesabisa,
ngokuba umlomo kaSimakade Wamabandla ukhulumile.
5Nakuba bonke abantu behamba
kube yilowo nalowo egameni
likankulunkulu wakhe,
kodwa thina siyakuhamba egameni likaSimakade uNkulunkulu wethu,
kuze kube phakade.”
6USimakade uthi:
“Ngalolo lusuku ngiyakuqoqa abaqhugayo,
ngibahlanganise ndawonye abadingisiwe nengibajezisile.
7Ngiyakwenza abaqhugayo babe yinsali,
nabayiswe emajukujukwini babe yisizwe esinamandla.
USimakade uyakubabusa entabeni iZiyoni,
kusukela manje kuze kube phakade.
8Wena mbhoshongo womhlambi,
nqaba yendodakazi yaseZiyoni kuyakufika kuwe,
impela kuyakufika ukubusa kwakuqala,
umbuso kuwe ndodakazi yaseJerusalema.
9“Kungani manje usukhala ubuqanduqandu na?
Awunayo yini inkosi,
noma useshabalele yini umeluleki wakho,
ngoba usubanjwe yimihelo njengobelethayo na?
10Yobayoba ezinhlungwini,
uzale, ndodakazi yaseZiyoni,
njengowesifazane obelethayo,
ngokuba manje uyakuphuma uphele kulo muzi,
uyakuhlala endle,
uye naseBhabhele,
kulapho uyakukhululwa khona;
uSimakade uyakukuhlenga esandleni sezitha zakho.”
11Manje izizwe eziningi zihlangene ngawe, zithi:
“Malingcoliswe,
amehlo ethu mawaligqolozele iZiyoni.”
12“Kodwa aziyazi imicabango kaSimakade,
aziwaqondi amasu akhe,
ngokuba uziqoqele ndawonye esibuyeni
njengezithungu zokusanhlamvu ezisikiwe.
13Sukuma ubhule, ndodakazi yaseZiyoni,
ngokuba ngiyakwenza uphondo lwakho lube yinsimbi,
nezinselo zakho ngizenze zibe yithusi;
uyakuqothisisa izizwe eziningi.”
Uyakwethula inzuzo yazo
nomcebo wazo kuSimakade, iNkosi yomhlaba wonke.

Okuqokiwe okwamanje:

UMikha 4: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume