NgokukaMathewu 6:25-33

NgokukaMathewu 6:25-33 ZUL20

“Ngalokho-ke ngithi kini: ningakhathazeki ngokuphila kwenu ukuthi niyakudlani noma niyakuphuzani, nangomzimba wenu ukuthi niyakwembathani. Ukuphila akukukhulu kunokudla, nomzimba kunesembatho na? Bhekani izinyoni zezulu ukuthi azihlwanyeli, azivuni, azibekeleli ezinqolobaneni, nokho uYihlo osezulwini uyazondla. Nina anizidluli yini kakhulu na? Ngubani phakathi kwenu okuthi ngokuzikhathaza kwakhe athasisele umzuzwana ebudeni bempilo yakhe na? “Kungani nikhathazeka ngokokwembatha na? Qaphelani iminduze yasendle ukuthi imila kanjani; kayikhandleki, kayiphothi, kepha ngithi kini: noSolomoni ebukhazikhazini bakhe bonke wayengembathisile okomunye wayo. Uma uNkulunkulu embathisa kanjalo utshani basendle obukhona namuhla, ngomuso buphonswe eziko, akayukunembathisa yini kakhulu nina eninokukholwa okuncane na? Ngakho-ke ningakhathazeki nithi: ‘Siyakudlani?’ noma: ‘Siyakuphuzani?’ noma: ‘Siyakwembathani na?’ Ngokuba konke lokhu kufunwa ngabezizwe; ingani uYihlo wasezulwini uyazi ukuthi niyakudinga konke lokhu. Kodwa funani kuqala umbuso wakhe nokulunga kwakhe, yikhona konke lokhu kuyakwenezelelwa kinina.