NgokukaMathewu 6

6
lntshumayelo Yasentabeni Isaqhubeka
Imfundiso Ngokupha Ompofu
1 “Kepha qaphelani, ningenzi ukulunga kwenu phambi kwabantu ukuze nibonwe yibo, funa ningabi nawo umvuzo kuYihlo osezulwini.
2“Ngakho-ke nxa upha ompofu, ungashayi icilongo utshela abanye, njengalokhu kwenza abazenzisi emasinagogeni nasemigwaqweni ukuze badunyiswe ngabantu. Ngiqinisile ngithi kini: sebewamukele umvuzo wabo. 3Kepha nxa upha odingayo, isandla sakho sokhohlo masingakwazi okwenziwa ngesokunene, 4 ukuze ukupha kwakho kube sekusithekeni; noYihlo obona ekusithekeni uzakukuvuza.”
Mayelana Nokukhuleka
5 “Nalapho nikhuleka, ningabi njengabazenzisi, ngokuba bayathanda ukukhuleka bemi emasinagogeni nasezinhlanganweni zezindlela ukuba babonwe ngabantu. Ngiqinisile ngithi kini: sebewamukele umvuzo wabo. 6 Kepha nxa ukhuleka, ngena ekamelweni lakho, uthi usuvale umnyango wakho, ukhuleke kuYihlo osekusithekeni; uYihlo obona ekusithekeni uzakukuvuza. 7Kepha uma nikhuleka, ningathemelezi njengabezizwe, ngokuba bacabanga ukuthi bayakuzwakala ngokukhuluma kwabo okuningi. 8Ngakho-ke ningabi njengabo, ngokuba uYihlo uyakwazi enikuswelayo ningakakuceli. 9 Ngakho-ke anokhuleka kanje:
“ ‘Baba wethu osezulwini,
malingcweliswe igama lakho;
10mawufike umbuso wakho;
mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini;
11siphe namuhla isinkwa sethu
semihla ngemihla;
12sithethelele amacala ethu,
njengalokhu nathi sibathethelela
abanecala kithi;
13ungasingenisi ekulingweni,
kodwa usikhulule kokubi;
ngokuba umbuso ungowakho,
namandla, nenkazimulo,
kuze kube phakade. Amen.’
14 “Ngokuba uma nithethelela abantu iziphambeko zabo, noYihlo wasezulwini uyakunithethelela nani. 15 Kepha uma ningabathetheleli abantu, noYihlo akayukunithethelela iziphambeko zenu.
Mayelana Nokuzila Ukudla
16“Futhi nxa nizila ukudla, ninganyukubali njengabazenzisi, ngokuba bayabipha, ukuze babonwe ngabantu ukuthi bazilile. Ngiqinisile ngithi kini: sebewamukele umvuzo wabo. 17Kepha, nxa uzila, gcoba ikhanda lakho, ugeze ubuso bakho, 18ukuze ungabonakali kubantu ukuthi uzilile, kodwa kuYihlo osekusithekeni; uYihlo obona ekusithekeni uzakukuvuza.”
Imfundiso Ngengcebo Ezulwini
19 “Ningazibekeleli ingcebo emhlabeni, lapho inokoniwa khona yinundu nokugqwala, nalapho amasela efohla khona, ebe. 20Kepha zibekeleni ingcebo ezulwini, lapho inundu nokugqwala kungoni khona, nalapho amasela engafohli khona, ebe. 21Ngokuba lapho kukhona ingcebo yakho, nenhliziyo yakho iyakuba khona lapho.
Isibani Somzimba
22 “Isibani somzimba yiso. Ngakho-ke uma iso lakho lilihle, umzimba wakho wonke uzakukhanya. 23 Kepha uma iso lakho lilibi, umzimba wakho wonke uzakuba mnyama. Ngakho-ke uma ukukhanya okukuwe kungubumnyama, bukhulu kangakanani ubumnyama!
24“Akekho ongakhonza amakhosi amabili. Ngokuba uyakuzonda enye, athande enye; noma abambelele kwenye, ayedelele enye. Ningeke nakhonza uNkulunkulu noMamona.
Ukungakhathazeki Ngengomuso
25 “Ngalokho-ke ngithi kini: ningakhathazeki ngokuphila kwenu ukuthi niyakudlani noma niyakuphuzani, nangomzimba wenu ukuthi niyakwembathani. Ukuphila akukukhulu kunokudla, nomzimba kunesembatho na? 26 Bhekani izinyoni zezulu ukuthi azihlwanyeli, azivuni, azibekeleli ezinqolobaneni, nokho uYihlo osezulwini uyazondla. Nina anizidluli yini kakhulu na? 27Ngubani phakathi kwenu okuthi ngokuzikhathaza kwakhe athasisele umzuzwana ebudeni bempilo yakhe na?
28“Kungani nikhathazeka ngokokwembatha na? Qaphelani iminduze yasendle ukuthi imila kanjani; kayikhandleki, kayiphothi, 29 kepha ngithi kini: noSolomoni ebukhazikhazini bakhe bonke wayengembathisile okomunye wayo. 30Uma uNkulunkulu embathisa kanjalo utshani basendle obukhona namuhla, ngomuso buphonswe eziko, akayukunembathisa yini kakhulu nina eninokukholwa okuncane na? 31Ngakho-ke ningakhathazeki nithi: ‘Siyakudlani?’ noma: ‘Siyakuphuzani?’ noma: ‘Siyakwembathani na?’ 32 Ngokuba konke lokhu kufunwa ngabezizwe; ingani uYihlo wasezulwini uyazi ukuthi niyakudinga konke lokhu. 33 Kodwa funani kuqala umbuso wakhe nokulunga kwakhe, yikhona konke lokhu kuyakwenezelelwa kinina. 34Ngakho-ke ningakhathazeki ngengomuso, ngokuba ingomuso liyakukhathalela okwalo. Inkathazo yosuku yanele lona.”

Okuqokiwe okwamanje:

NgokukaMathewu 6: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo