Mathewu 6:25-33

Mathewu 6:25-33 CZB24

Ngalokho ngithi kini: Ningakhathazeki ngokuphila kwenu, ukuthi niyakudlani noma niyakuphuzani; nomzimba wenu ukuthi niyakwembathani. Ukuphila kakukhulu yini kunokudla, nomzimba kunesambatho? Bhekani izinyoni zezulu, ngokuba azihlwanyeli, azivuni, azibutheli eziphaleni; nokho uYihlo osezulwini uyazondla. Anizincono kakhulu na? Ngumuphi kini ongathi ngokukhathazeka anezele ingalo eyodwa ebukhulwini bakhe na? Nizikhathazelani ngesambatho na? Cabangani ngeminduze yasendle, ukuthi imila kanjani; azikhandleki, aziphothi; Kepha ngithi kini: NoSolomoni ebukhazikhazini bakhe bonke wayengembathisile okomunye wayo. Ngakho-ke, uma uNkulunkulu embesa kanjalo utshani basendle obukhona namuhla, futhi kusasa buphonswe eziko, akayikunembathisa kakhulu nina eninokukholwa okuncane na? Ngakho ningakhathazeki nithi: Siyakudlani na? noma: Siyakuphuzani na? noma: Siyakwembatha ngani na? Ngokuba konke lokho abezizwe bayakufuna; ngokuba uYihlo osezulwini uyazi ukuthi niyakudinga lokho konke. Kodwa funani kuqala umbuso kaNkulunkulu lokulunga kwakhe; futhi zonke lezi zinto ziyakwenezelwa nina.

Funda Mathewu 6