NgokukaMathewu 6:16-34

NgokukaMathewu 6:16-34 ZUL20

“Futhi nxa nizila ukudla, ninganyukubali njengabazenzisi, ngokuba bayabipha, ukuze babonwe ngabantu ukuthi bazilile. Ngiqinisile ngithi kini: sebewamukele umvuzo wabo. Kepha, nxa uzila, gcoba ikhanda lakho, ugeze ubuso bakho, ukuze ungabonakali kubantu ukuthi uzilile, kodwa kuYihlo osekusithekeni; uYihlo obona ekusithekeni uzakukuvuza.” “Ningazibekeleli ingcebo emhlabeni, lapho inokoniwa khona yinundu nokugqwala, nalapho amasela efohla khona, ebe. Kepha zibekeleni ingcebo ezulwini, lapho inundu nokugqwala kungoni khona, nalapho amasela engafohli khona, ebe. Ngokuba lapho kukhona ingcebo yakho, nenhliziyo yakho iyakuba khona lapho. “Isibani somzimba yiso. Ngakho-ke uma iso lakho lilihle, umzimba wakho wonke uzakukhanya. Kepha uma iso lakho lilibi, umzimba wakho wonke uzakuba mnyama. Ngakho-ke uma ukukhanya okukuwe kungubumnyama, bukhulu kangakanani ubumnyama! “Akekho ongakhonza amakhosi amabili. Ngokuba uyakuzonda enye, athande enye; noma abambelele kwenye, ayedelele enye. Ningeke nakhonza uNkulunkulu noMamona. “Ngalokho-ke ngithi kini: ningakhathazeki ngokuphila kwenu ukuthi niyakudlani noma niyakuphuzani, nangomzimba wenu ukuthi niyakwembathani. Ukuphila akukukhulu kunokudla, nomzimba kunesembatho na? Bhekani izinyoni zezulu ukuthi azihlwanyeli, azivuni, azibekeleli ezinqolobaneni, nokho uYihlo osezulwini uyazondla. Nina anizidluli yini kakhulu na? Ngubani phakathi kwenu okuthi ngokuzikhathaza kwakhe athasisele umzuzwana ebudeni bempilo yakhe na? “Kungani nikhathazeka ngokokwembatha na? Qaphelani iminduze yasendle ukuthi imila kanjani; kayikhandleki, kayiphothi, kepha ngithi kini: noSolomoni ebukhazikhazini bakhe bonke wayengembathisile okomunye wayo. Uma uNkulunkulu embathisa kanjalo utshani basendle obukhona namuhla, ngomuso buphonswe eziko, akayukunembathisa yini kakhulu nina eninokukholwa okuncane na? Ngakho-ke ningakhathazeki nithi: ‘Siyakudlani?’ noma: ‘Siyakuphuzani?’ noma: ‘Siyakwembathani na?’ Ngokuba konke lokhu kufunwa ngabezizwe; ingani uYihlo wasezulwini uyazi ukuthi niyakudinga konke lokhu. Kodwa funani kuqala umbuso wakhe nokulunga kwakhe, yikhona konke lokhu kuyakwenezelelwa kinina. Ngakho-ke ningakhathazeki ngengomuso, ngokuba ingomuso liyakukhathalela okwalo. Inkathazo yosuku yanele lona.”

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo