NgokukaMathewu 6:16-34

NgokukaMathewu 6:16-34 ZUL59

Futhi nxa nizila ukudla, ninganyukumali njengabazenzisi; ngokuba bona banyakamisa ubuso babo, ukuze babonakale kubantu ukuthi bazilile. Ngiqinisile ngithi kini: Sebewamukele umvuzo wabo. Kepha wena, nxa uzila, gcoba ikhanda lakho, ugeze ubuso bakho, ukuze ungabonakali kubantu ukuthi uzilile kodwa kuYihlo osekusithekeni; noYihlo obona ekusithekeni uzakukuvuza. “Ningazibekeleli ingcebo emhlabeni, lapho kona inundu nokugqwala, nalapho amasela efohla khona, ebe. Kepha zibekeleleni ingcebo ezulwini, lapho kungoni inundu nokugqwala, nalapho amasela engafohli khona, ebe. Ngokuba lapho kukhona ingcebo yakho, nenhliziyo yakho iyakuba khona lapho. “Isibani somzimba yiso. Ngakho uma iso lakho lilihle, uzakukhanya umzimba wakho wonke. Kepha uma iso lakho lilibi, uzakuba mnyama umzimba wakho wonke. Ngakho uma ukukhanya okukuwe kungubumnyama, ubumnyama bukhulu kangakanani! “Akakho ongakhonza amakhosi amabili. Ngokuba uyakuzonda enye, athande enye, noma abambelele kwenye, adelele enye. Ningekhonze uNkulunkulu noMamona.* “Ngalokho-ke ngithi kini: Ningakhathazeki ngokuphila kwenu ukuthi niyakudlani noma niyakuphuzani, nangomzimba wenu ukuthi niyakwembathani. Ukuphila akukukhulu kunokudla nomzimba kunesambatho na? Bukani izinyoni zezulu ukuthi azihlwanyeli, azivuni, azibekeleli ezinqolobaneni; nokho uYihlo wasezulwini uyazondla. Nina kanizidluli kakhulu na? Ngumuphi kini ongelekela ebudeni bakhe ingalo ibe nye ngokukhathazeka na? “Nikhathazekelani ngesambatho na? Qaphelani iminduze yasendle ukuthi imila kanjani; kayikhandleki, kayiphothi; kepha ngithi kini: NoSolomoni ebukhazikhazini bakhe bonke wayengembathisile okomunye wayo. Uma uNkulunkulu embathisa kanjalo utshani basendle obukhona namuhla, ngomuso buphonswe eziko, akayikunembathisa kakhulu nina eninokukholwa okuncane na? Ngakho-ke ningakhathazeki nithi: ‘Siyakudlani?’ noma: ‘Siyakuphuzani?’ noma: ‘Siyakwembathani na?’ Ngokuba konke lokhu abezizwe bayakufunisisa; ingani uYihlo wasezulwini uyazi ukuthi niyakudinga konke lokhu. Kodwa funani kuqala umbuso kaNkulunkulu nokulunga kwakhe, khona konke lokhu kuyakwenezelwa nina. Ningakhathazeki ngengomuso, ngokuba ingomuso iyakukhathalela okwayo. Inkathazo yosuku yanele lona.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo